IZIKHUKHULA ezidlule nemiphefumulo elinganiselwa ku-70 eThekwini namaphethelo yacekela phansi nezindlu, impahla iholele ekutheni iKwaZulu-Natal imenyezelwe njengendawo yenhlekelele.
Mkhulu umonakalo odalwe yilezi zimvula njengoba namanje imindeni elahlekelwe yimizi ingenayo indawo yokufihla ikhanda, kuthi nalabo abashonelwe basabamba beyeka ukuthi bazohlanganisa ini nani ukuze bangcwabe imindeni yabo.
Njalo uma kunemvula enamandla emadolobheni akuleli abathwala kanzima kakhulu kuba ngabantu abampofu. Ezabo izindlu aziqinile ngokwanele ukumelana nemvula enamandla, kanti kukhona nodaba lwalabo abayimihambima abalala noma yikuphi.
Sekukhulunywe kaningi ngokubaluleka kokuhlonipha imvelo ngokuthi kungangcoliswa izindawo esihlala kuzo, kepha abantu babukeka bethalalisa nje. Ukulahla kwabantu imikhiqizo kaplastiki egcina igugulwe amanzi ize iyofika olwandle, kuholela ekufeni kwezilwane zasolwandle.
Kunesithombe esisabalale ezinkundleni zokuxhumana esiveze indlela ichweba laseThekwini ebelingcole ngayo. Bekungathi izikebhe zimi phezuu kwasezaleni. Lobu bunuku bokuthi abantu basebenzise okuthile bese bekulahla phansi kuholela ekubhajweni kwezitamkoko, bese ziyahluleka ukudlulisa amanzi ngezikhathi ezinzima njengalezi.
Cishe kuzona zonke iziza ezinezingqwembe ezibhalwe ukuthi akungalahlwa kuzo udoti, ufika ingqumba kadoti ilahlwe khona, kushaywa indiva umyalelo kamasipala.
Yize kungeke kwabekwa ukungcola njengesizathu sezikhukhula, kepha ukungcola nobunuku bethu singabantu yibo obuholele ekutheni kube nzima ekutheni amapayipi adlulise amanzi, lokhu kwadala amaxhaphozi emigwaqweni, kwaguguleka izimoto, kwaminza abantu.
Kungaba yinto enhle ukuthi ihlonishwe imvelo ngoba ososayensi sebekuvezile ukuthi ukungayikhathaleli kwabantu imvelo nokungcolisa imvelo ngezinye zezinto eziguqula isimo sezulu.
Izikhukhula eziqhamuka ekwindla azijwayelekile neze ngokwesimo sezulu. Lokhu kuyasho ukuthi imvelo nesimo sezulu sekuguquke kakhulu.
- Umbono wePhephandaba