Mhleli: Kungaba kuhle siyikhulume le ndaba eyenziwa yiHhovisi loMvikeli woMphakathi, njengoba kubukeka umphakathi ugabiselwa ngamalungelo kuleli lizwe.
IHhovisi loMvikeli woMphakathi liyingxenye enkulu yezinhlaka zikahulumeni obuswa ngokwentando yeningi, ngaleyo ndlela ziningi izinselelo ezikhona okumele kubhekwane nazo nsuku zonke.
Siyaqonda ukuthi leli hhovisi lithwele kanzima, ekubeni nezinsiza kusebeza ziyingcosana ukubhekana nalo mthwalo.
Ngamanye amagama ukuphawula kwami lapha akuhlobene nombono ongenaso isisekelo, kodwa kunalokho, inhloso yami enkulu ukudlulisa ukunganeliseki ngendlela leli hhovisi elingasabalali ngayo nxashane libheka usizi nokuhlupheka kwabantu ezweni lakithi.
Mhlawumbe angikucacise ukuthi ikhwela elihlatshwa yileli hhovisi odabeni lwenkohlwakalo eyenziwa yizikhulu zikaHulumeni, iyezwakala, kodwa ngakolunye uhlangothi akufanele ukubuka koMvikeli woMphakathi besekugxila kongxiwankulu kuphela, ngoba indaba yokuhlukumezeka kwabantu ayipheleli lapho, njengoba abantu abaningi basahlaliswa ngasentuthwini kungafanele, ngenxa yokuntula ulwazi.
Ngicabanga ukuthi akwanele neze ukuthi uMvikeli woMphakathi aluse izikhulu zoMbuso kuphela, ngokweziphambeko zazo,nokuyothi nxashane abaHlonishwa bebhadameka ebubini maqede kugijinyiswane nabo kuze kuyoshona ilanga, kube kanti uquqaba luphekwe ngobhojwana laphaya emazingeni aphansi.
Ngokubuka okuphusile kufanele uMvikeli woMphakathi kumhluphe ukuthi abantu abaningi kuleli lizwe abanakho ukuqonda ukuthi uma sikhuluma ngelungelo elivikelekile, sikhuluma ngani, liqala nini ukuba khona, futhi ligcina kuphi ukuvikeleka kwalo.
Le nto-ke, isidale izinkinga eziningi njengoba, kuphetha ngokuthi kwesinye isikhathi ilungelo lihlanekezeleke, bese kuyonakala.
Ngalesi sizathu ngibona iHhovisi loMvikeli woMphakathi lingenzi okwaneleyo nxa kuzosilela emuva lenkambiso ekusebenzeni kwakhe:
-Ukusukuma kamuva ekuhlonzeni izinto ezihlukumeza umphakathi
-Ukungabikho kohlelo olucacile ngokuqhubekayo lokufundisa umphakathi ngamalungelo awo.
-Ukungavikeleki kahle ezigcawini zamacala abasebenzi
(1) Ukusukuma kamuva ekuhlonzeni izinto ezihlukumeza umphakathi:
Kumele uMvikeli woMphakathi akwazi ukuhlonza kahle izinto ezihlupha umphakathi nsukuzonke, ukuze ezokwazi ukubeka umgoga ngenhloso yokuvikela isizwe kulowomkhuba oqhubekayo.
Akwenele ukusukuma kamuva umonakalo usuwenzakele, njengoba nesisho sithi, ‘elisuka muva likholwa yizagila’.
(2) Ukungabikho kohlelo olucacile ngokuqhubekayo lokufundisa uMphakathi ngamalungelo awo :
Amalungelo abhalwe phansi kuSomqulu kaHulumeni, kodwa engaziwa yizinkumbi zomphakathi, afana ncimishi namalungelo angekho, nxa ilungelo lingaziwa, kulukhuni ukuthi kubekhona omemezayo ngalo, kwelokuthi seliphuliwe, okusobala maningi amalungelo aphulwayo emphakathini, aphethe ngokungavikeleki.
(3) Ukungavikeleki kahle ezigcawini zamacala abasebenzi:
Abasebenzi ngenye ingxenye yoMphakathi engavikelekile ngokwaneleyo, ikakhulukazi ngoba nxa kunamacala ezigcawini ezixazulula izinkinga zabasebenzi, alukho uhlelo lwamahhala olubhekela ukulekelela umsebenzi ukuthi ethule udaba lwakhe ngosizo lomthetho,
Njengoba sibona kwenzeka eziNkantolo zoMthetho, le nto iletha igebe elikhulu lokungalingani, phakathi komqashi ozifikela nommeli wakhe, kanti umsebenzi ngenxa yokuntuleka kwezikhwepha zomnotho, aphethe ngokudondolozela ngosizo lwenyunyana, nayo engahle ingabi sezingeni lokubhekana nesazimthetho sikamqashi.
Konke lokhu kukhomba ubuthakathaka ehhovisini loMvikeli woMphakathi.
Kuyoba kuhle nxa lezi zidingo zingabhekelwa esikhathini esizayo.
Themba Xolani Zikhali
KWAMHLABUYALINGANA