MHLELI: Ngithi angiveze umbono wami ngenkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa akade eyethula ngoLwesine ebusuku eyibhekise esizweni saseNingizimu Afrika. Akukho nokukodwa okungihlabe umxhwele kule nkulumo njengoba uMengameli ubekade ezosiphuphela nje singabahlali, kubonakale ngokuyethula ebusuku ukuthi inobuthongo phakathi.
Ngizothanda ukugxila kakhulu ephuzwini ekade lithinta ukuvulwa kwamathuba emsebenzi entsheni. Kuleli phuzu nje uMengameli uvele wasebenzisa ithuba lokuzikhankasela yena ukubuya ihlandla lesibili ngoba uvele waphupha iminyaka eyishumi (10) kusuka manje wasishayela umhlahlo wokuthi kuzoba namathuba emisebenzi ayizigidi ezimbili. Nawo lawo mathuba akhuluma ngawo akasivezeli umqondo ukuthi le misebenzi engaka izobe iqhamuka kuphi? Kanjani?
Ephuzwini lamathuba emsebenzi thina siyintsha besilindele ukuthi uMengameli uzositshela ngamathuba azowavula kusuka manje kuya eminyakeni emihlanu azoyiphatha ehlandleni lakhe anikezwe lona izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ngevoti, kodwa ke akubanga njalo. Ukungafezeki kokuqashwa kwabantu abasha ngibona kusazoba yisihlava esikhulu ekukhuleni kwezinga lobugebengu kuleli lizwe ngoba siyazi ukuthi imbangela enkulu yobugebengu ukuntuleka kwemisebenzi ikakhulukazi entsheni.
Into ebuhlungu kunakho konke ukuthi mhla besafuna ukuvotelwa babenza sengathi indaba yamathuba emsebenzi isimi ngomumo ngangokuthi kwase kulindwe ukhetho nje kuvotwe bese ziyasha kufezeke konke kanti sishaywa ngemfe iphindiwe.
Kuyaxaka nokuzwa uMengameli ekhuluma ngokuvulwa kwamathuba emisebenzi ekubeni ehlulwa ukuvikela imisebenzi ekhona njengamanje, njengoba sinokuzwa nje ezindabeni ukuthi izinkampani ezinkulu ezaziwayo zizonciphisa abasebenzi ngamanani athize. Kodwa akaze simuzwe echaza ngokuthi uzozivikela kanjani izimo ezikanjalo, kunalokho usiphuphela emini nje
Ngibona sengathi le #ThumaMina isishintshile muva nje, sekuyi #VukaUzenzele
Lindokuhle Basi
eMahlabathini