IYASHAYISANA imibiko ngokudunguzela kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, okusolwa ukuthi sidlisiwe.
Lesi simo sesiholele empini yamazwi phakathi kweHhovisi leSilo noNdunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthi Buthelezi.
Le mpi iqale emva kokuthi uButhelezi ebike ukuthi iSilo siyelashwa esibhedlela esiseSwatini.
Lokhu kuchithiwe okhulumela iSilo, uMntwana u-Africa Zulu, ogxeke abakhuluma eyokuthi iSilo siyadunguzela.
Ngokusho kukaButhelezi, uthole umbiko kuMntwana uVumile, ongumfowabo weNgonyama yamaSwati, uMswati wesithathu, obumazisa ukuthi iSilo uMisuzulu singeniswe esibhedlela.
UButhelezi uthe iSilo uMisuzulu singeniswe esibhedlela emva kokushona isigubhukane kwenduna ebiseduze naso, uMnuz Douglas Xaba.
"Kusolwa ukuthi uXaba wadliswa. Emva kokuthi iSilo siqale ukungazizwa kahle, sibe sesisola ukuthi kungenzeka ukuthi mhlawumbe naso sadliswa. Ilapho ke sinqume ukuya esibhedlela. Ngizwe ukuthi iSilo asithandanga ukuya esibhedlela esikuleli ngenxa yokuthi abazali baso bakhothama belashwa ezibhedlela zakuleli."
UButhelezi uthe iSilo siyaqhubeka nokwelashwa, wathi isimo asisibi.
"Njengamanje into esikhathazeke ngayo, impilo yeSilo. Sikhulekela ukuthi iSilo silulame ngokushesha. Uma kunesidingo sokuthi kuphenywe, lokhu kuzokwenziwa yizinhlaka ezifanele."
Kepha uMntwana u-Africa Zulu, uthe akusilo iqiniso ukuthi iSilo sisesibhedlela.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi iSilo siwumqemane, futhi asikho esibhedlela.”
UMntwana u-Africa uthe iSilo selulekwe ukuba siyoxilongwa odokotela emva kokushona kukaXaba.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi sihambele eSwatini ukuyobonana neNgonyama yamaSwati, uMswati wesithathu.
"Lokhu kungenxa yokuthi siphila ezikhathini zezifo ezifana neCorona. Bekubalulekile ukuthi iSilo siye koxilongwa emva kokushona kukaXaba ukuze sigweme isimo esingalindelekile."
UMntwana u-Africa ukhale ngokuthi kukhona abaphume umbhidlango wokusabalalisa izindaba ezingelona iqiniso ngeSilo.
"Akusikhona okokuqala kusetshenziswa amaqhinga anje. Mumva, ngesikhathi iSilo siseSwatini sabona kwenziwa into efanayo. Asazi ukuthi yini izinhloso zala bantu? Kubukeka sengathi inhloso ukuthusa abantu khona bezokholelwa ukuthi iSilo siyadunguzela futhi asikulungele ukuhlala esihlalweni."
UMntwana u-Africa uthe bakulindele ukuthi njengoba kusondele ukhetho lwangonyaka ozayo kube khona abazosebenzisa ubukhosi bukaZulu ukuthola amavoti.
UMntwana u-Africa uphinde wadlulisa amazwi enduduzo ngokushona kukaXaba, oshone ngoMgqibelo.
“UXaba usisebenzele ngokuzikhandla isihlalo sobukhosi bukaZulu, futhi iSilo besithembele kakhulu kuye. ISilo sikhalisana nesizwe nomndeni wakwaXaba. Sicela ukuthi isizwe sigxile ekukhaleleni umndeni wakwaXaba, singazinaki izindaba ezingesilona iqiniso. Uma kukhona okusha, sizokwenza isimemezelo.”