IMEYA kaMasipala iBig 5 Hlabisa ixwayise izakhamizi ngengozi yokwakha imijondolo ezindaweni ezakhelene nedolobha.
Ekhuluma ehholo lomphakathi waseMakhosi ngesikhathi eyophendula isoyi lokwakhiwa kwengqalasizinda yamapayipi amanzi, uMnuz Comfort Khumalo, uthe umthetho kahulumeni uthi mazidilizwe izakhiwo ezibekwa endaweni yakhe kungavunyelwene.
Uthe uma uhulumeni esethole incwadi yasenkantolo, egunyaza ukudilizwa kwezakhiwo noma imijondolo ebekwe lapho okungafanele ibekwe khona, uyayidudula yonke noma ayishise.
"Uma ufuna indawo kahulumeni kufanele uyithenge, ukuze uthole imvume bese uthumela uhlelo lwesakhiwo ohlela ukusakha kuleyo ndawo. Manje iyamangaza le yemikhukhu esigcwele edolobheni, ukuthi abantu babeyithole kuphi imvume," kusho uKhumalo.
Eqhuba, uthe kumele abantu baqonde ukuthi imijondolo iyalithunaza idolobha.
Uthe umkhuba wabo ushiya yena ongosodolophu namakhansela enkingeni.
Umcimbi ubuthanyelwe wumphakathi, amakhansela nosomabhizinisi bendawo.