UKHALE ngaphansi umholi weBuild One SA (BOSA), uMnuz Mmusi Maimane, ne-Independent Candidates Association (ICA), abebefake isicelo sokuthi kubhekwe udaba lokwabiwa kwezihlalo ePhalamende.
IPhalamende lakuleli linezihlalo ezingu-400, sezizonke kanti zabiwa ngokwesibalo samavoti atholwe ngamaqembu. UMaimane wehlukana neDA wasungula iqembu elisha.
Udaba lokhetho luyindaba egudwini ngoba sekubhekwe ku-2024 lapho uhulumeni uzophelelwa yisikhathi bese kukhethwa kabusha.
Udaba belufakwe eNkantolo yoMthethosisekelo, yabe isikhipha isinqumo izolo ichitha uMaimane ne-ICA. IJaji Nonkosi Mhlantla elethule isinqumo, lithe amajaji avumelane ngazwi linye kulolu daba. Ijaji lithe udaba olulethwe nguMaimane nabe-ICA, luyezwakala lunohlonze lukhuluma ngezindaba ezimqoka kodwa abagculisekile ngamaphuzu abawabekile.
Abebemangalelwe nguMengameli uCyril Ramaphosa, nguNgqongqoshe wezaseKhaya uDkt Aaron Motsoaledi, nePhalamende.
URamaphosa wasayina umthetho othi abangenele ukhetho ngokuzimela bazokwabelwa izihlalo ezingu-200 kwezingu-400 ePhalamende. Abangenele ukhetho ngokuzimela bakhala ngokuthi lokhu kuwukuphuca abantu amandla.
Bebecela inkantolo ukuthi iwuchithe lo mthetho kushintshwe lokhu kodwa bangaphumelela. Bebephakamisa ukuthi babelwe izihlalo ezingu-350 ePhalamende.
Amaqembu amatasa alungiselela ukhetho lukazwelonke okulindeleke ukuthi lube olwehlukile kakhulu selokhu kwabuswa ngentando yabantu kuleli.
Amehlo asethe njo kumengameli ukuthi akhombe usuku lokhetho lapho ziyobe zidlana imilala khona kubangwa amavoti.
Kulindeleke ukuthi sithi xaxa nesibalo samaqembu azongenela ukhetho.