LUHLANGABEZANE nembibizane uhlangothi oluxosha uMnuz Philani Mavundla eqenjini, i-ABC, ngesikhathi ikhomishini ebhekele ukhetho, i-Independent Electoral Commission ichitha ukuhoxiswa kwakhe ekubeni ngumholi walo, ohlwini lwamaqembu angenele ukhetho lwangonyaka ozayo.
Ngokwencwadi ebhalelwe uMnuz Sibusiso Sokhela, owaqokwa kwesikanobhala-jikelele ngabohlangothi oluchitha uMavundla, ebhalwe yi-IEC, ithi usavela ohlwini lwabo njengomholi obhaliswe ngokusemthethweni njengoba kungekho ncwadi ayibhalele isikhulu esiphezulu sokhetho, eqinisekisa ukushiya kwakhe.
Ikhomishini ithe ngenyanga edlule ithole izincwadi ezimbili, evela ohlangothini oluqoke uMnuz Bhungu Gwala njengomholi weqembu, iqinisekisa ukuthi uMavundla uxoshiwe eqenjini, nephikisa lokho evela kubameli bakhe ethi lo mholi akakaze esule noma anqanyulelwe ubulungu eqenjini.
“Kuyacaca ukuthi kunokungaboni ngaso linye phakathi kwamalungu aleli qembu nobuholi kulona. Ikhomishini ishicelele uMavundla njengomholi obhalise ngokusemthethweni. Lokhu ngokomthetho olawula imigomo yokubhalisa kwamaqembu ezepolitiki ka-2004,” kubhalwe kanje.
Ikhomishini ithe ilindele incwadi ebhalwe nguMavundla uqobo azisa ngokushiya kwakhe, zingakapheli izinsuku ezingu-30 emva kokuba eshiyile, okushayisana nekushoyo njengoba abameli bakhe beyibhalele beqinisekisa ukuthi usewumholi we-ABC obhaliswe ngokusemthethweni.
I-IEC iphinde yachitha incwadi ebhalwe yiMenenja kuMasipala uMvoti uNksz Noxolo Ndaba, owayeyazisa ngokuxoshwa kukaMavundla yiqembu lakhe, okuthiwa labhalela umasipala liveza ukuthi akaseyona imeya ejutshwe yi-ABC esikhundleni sobumeya, kwazise usexoshiwe.
Kukholakala ukuthi uNksz Ndaba wagagamela ngokubhalela kwakhe i-IEC ngaphambi komhlangano wamakhansela, okwenze kwathathwa njengokuthi weseka uhlangothi oluthile olungamfuni umholi, okumdonsele amanzi ngomsele emakhanselemi kumasipala, wamiswa emsebenzini.
Umdonsiswano osezinkantolo wamalungu e-ABC, ugqame ngesikhathi ikomiti eliqondisa ibugwegwe kuzwelonke ngaphakathi eqenjini elaliholwa nguSihlalo walo uMnuz Vusimuzi Dladla, lithatha isinqumo sokumxosha emva kokuthi kuthiwa limthole enecala ngokuxoshwa kwamakhansela amane eqembu, nokungaphumeli obala ngokusebenza kwezimali ezithile zeqembu.
Emva kwalokho, libhalele umasipala liwazisa ukuthi akaselona ikhansela elimele i-ABC kuwona, futhi akasenabo ubulungu balo. Kuthe uma efaka amaphepha eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu efuna kumiswe ngokushesha ukuxoshwa kwakhe njengoba kusalindwe isinqumo esiphelele sayo ngalolu daba, yasichitha ngelokuthi lolu daba kaluphuthumi.
UMavundla ugcizelela ukuthi abamxosha eqenjini abasewona amalungu e-ABC, ubulungu babo sebaphelelwa yisikhathi.