KABANEME neze abadayisi botshwala eLimpopo emuva kokuthi uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezeMvelo nokuVakasha uMnuz Rodgers Monama ememzele ukuthi kusukela ngo-Agasti 1, uyakuvala ukudayiswa kotshwala emuva kuka-12 ebusuku.
UMonama uthe wenza lokhu ngenhloso yokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kanjalo nobugebengu obenziwa ngabaphuza utshwala.
“Kufanele sibe neqhaza elibonakayo ekulweni nenkinga yophuzo oludakayo. Sifuna abantu baphuze ngendlela ehlelekile ukuze bangenzi izinto eziphambene nomthetho.
Siyakugqugquzela ukuthi baphuzele emakhaya kunokuthi bayophuza ezindaweni zokuzijuxuza. Yingakho singasafuni ukuthi amathaveni, amashibi, izindawo zokudla nezomjuxuzo zidayise utshwala emuva kwamabili ebusuku,” kusho uMonama.
UMnuz Lucky Ntimane weNational Liqour Traders, uthe bazolwa nesiphakamiso sikahulumeni waseLimpopo futhi bazoya enkantolo uma kufanele ngoba ukumiswa kokudayiswa kotshwala emuva kuka-12 ebusuku, kuzolambisa abantu abaningi.
Ubalule ukuthi kuzolamba abadayisa utshwala, oweta, abashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngamabanga nabaculi abasuke benandisa ezindaweni ezidayisa utshwala.
Uthe ziningi izindlela zokulwa nobugebengu ngaphandle kokuvala utshwala.
Abanye abadayisi botshwala bakhumbuze uMonama ukuthi sesadlula isikhathi sokuvala utshwala njengoba kwakwenzeka ngesikhathi seCovid-19.
Bathembise ukuthi bazolwa nesiphakamiso ngamandla abo wonke ngoba sizowisa amabhizinisi abo.