UMHOLI we-MK, uMnuz Jacob Zuma, akakwamukeli ukuxoshwa kwi-ANC ngaphansi kobuholi bukaMengameli, uCyril Ramaphosa.
UZuma uthe i-ANC ephethwe uRamaphosa ayinalo igunya lokumxosha.
Lokhu kushiwo okhulumela inhlangano kaZuma engenzi nzuzo, iJacob G Zuma Foundation, uMnuz Mzwanele Manyi.
UManyi ukhuluma kanjena nje, ngoLwesihlanu i-ANC iqinisekise ukuchithwa kwesicelo sikaZuma sokuba angaxoshwa.
Ikomiti elibheka ukudluliswa kwamacala kwi-ANC lichithe isicelo sikaZuma lapho ebephonsela inselelo isinqumo sokumxosha esathathwa yikomiti eliqondisa ubugwegwe.
Isinqumo sangoLwesihlanu sisho ukuvaleka komnyango wokugcina kuZuma wokuba aqhubeke nokuba ilungu lale nhlangano ahlezi efunga ukuthi uyoze afe eyilungu layo.
UManyi uthe uZuma akakwamukeli ukuxoshwa kule nhlangano anikela kuyo ngempilo yakhe.
“Ezinsukwini ezizayo, uZuma uzoxoxa nabameli bakhe, obemmele esigcawini sokuqondisa ubugwegwe, uMnuz Tony Yengeni, umndeni nasebenzisana nabo kwezepolitiki, lapho bezobuka ukuthi iziphi izinyathelo okufanele azithathe. Sizokwenza isimemezelo uma esenqumile ukuthi uzothatha ziphi izinyathelo.”
UManyi uthe uZuma uyaqhubeka nomsebenzi wakhe wokuhola i-MK, wathi kade ehlangene nobuholi obuphezulu balenhlangano.
UZuma uxoshelwe khona kanye ukukhankasela i-MK, eyayincintisana ne-ANC okhethweni. I-MK yayithwalisa kanzima i-ANC okhethweni lwangoMeyi.
Okokuqala emlandweni i-ANC yehluleka ukuwina ukhetho ngamalengiso njengoba isiphethe ngokubambisana namanye amaqembu.
UZuma ungena emlandweni omubi wokuba owokuqala kwababengomengameli be-ANC oxoshwa yinhlangano.
Umhlaziyi wezepolitiki, uDkt Levy Ndou, uthe ulindele ukuthi uZuma ayilwe kuze kube sekugcineni eyokuxoshwa kwakhe kwi-ANC.
Uthe uZuma uzokwenza noma yini ukudala uqhekeko kwi-ANC ngoba lokho kwelekelela i-MK.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabeNewsroom Afrika.
“Uma kunokuxokozela kwi-ANC, i-MK iyazuza. Ukukhula kwe-MK kuncike kakhulu ezintweni ezenzeka kwi-ANC. UZuma uyazi ukuthi ukumataniswa kwakhe ne-ANC kuyamelekelela, ingakho efuna ukuthi igama lakhe lilokhu limataniswa ne-ANC.”
Uthe umthetho we-ANC ucacile odabeni lwabantu abakhankasela amanye amaqembu, wathi akaboni ukuthi uZuma uzoyinqoba kanjani eyokuxoshwa kwakhe.
Okhulumela i-ANC, UNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe ukuxoshwa kukaZuma kukhombisa ukuthi i-ANC isembhidlangweni wokuzakha kabusha.