UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal uthe usukulungele ukuqala uhlelo lokusetshenziswa kwamakhadi agcinwa kumakhompyutha esikhundleni samakhadi angamaphepha asetshenziswa njengamanje.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, uthe umnyango wakhe kusukela ngo-2019 ubulokhu uzama ukuqeda amakhadi angamaphepha ukuze iziguli zingalindi sikhathi eside kusafunwa amakhadi azo kodwa ube nengqinamba yokuthi ezinye izikhungo zezempilo azinayo i-internet.
UNksz Simelane ubephawula kanje ohlelweni lomnyango wezempilo iKZN Health Chat ngoLwesihlanu.
Usho lokhu ngemuva kokuthi uNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube, obethula inkulumo yakhe ebhekiswe kubantu abahlala kulesi sifundazwe, ngalo uLwesihlanu ethe kuqashwe intsha engu-120 ezosiza ngokuthatha imininingwane esemakhadini ayiphepha iyifake kumakhompyutha ukuze uhlelo lokushintshela emakhadini agcinwa kwikhompyutha, i-E Health lusebenze kahle esifundazweni.
"Kuyasijabulisa ukuthi uNdunankulu amemezele ukuthi kunalolu hlelo ngoba sekunesikhathi sizama ukulwenza sibe nengqinamba yokuthi kwezinye izikhungo zezempilo ayikho i-internet ikakhulukazi emitholampilo kanti amakhadi ayiphepha ayalibazisa ngoba kuphela isikhathi eside omabhalane bewabheka okwenza ukuthi isiguli sigcine sihlala usuku lonke emtholampilo ngoba isikhathi esiningi sichitheke kubhekwa ikhadi, lingasatholakali," kusho yena.
UNdunankulu uthe lolu hlelo luzosiza nasekutheni kunciphe ukulahleka kwamafayela eziguli, ukulahleka kwamanye amaphepha asuke ekulo ifayela uma kwenzeka lidabuka.
"Ulwazi olukumafayela eziguli kuyenzeka ludingeke uma kunamacala athinta ezempilo lungabe lusatholakala. Ukushintshela kulolu hlelo kuzosiza ekutheni izinselelo ebezidalwa ukulahleka kwamafayela noma amakhadi angamaphepha zinciphe," kusho uNkk Dube-Ncube.
Okunye athe uhulumeni wesifundazwe uzimisele ukukwenza kulo nyaka ukusiza izibhedlela ezingu-28 ezingakwazi ukwenza umsebenzi wazo ngokusezingeni elifanele.