NKOSIKHONA CELE
Likhuthaza abantu abasha ukuba bayothekela ulwazi ezikhungweni zemfundo ephakeme, ibandla labasindisiwe iKingdom Life Ministries International (KLMI).
Lokhu kugcizelelwe ngumholi webandla uMphostoli Lungi M, obekhuluma kwiCareer day ebihlelwe yibandla eCurries Fountain, eThekwini.
Phakathi kwezikole ebezikhona kubalwa uMkhunbane High, Charles Sabela Secondary, Menzi High neZwelibanzi High.
"Siyabakhuthaza abantu abasha ukuthi uma sebephothule ibanga leshumi bahambe beyoqhuba izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ePhakeme,'' kugcizelela uNksz Lungi M.
Umphathi wabantu abasha ebandleni uNkk Yolanda Mambulu, uthe bakholwa ukuthi uba nekusasa eliqhakazile umuntu omusha ohlome ngeziqu zemfundo ephakeme.
UNkk Londeka Mzobe, obemele iNyuvesi yakwaZulu Natal (UKZN), ukhuthaze abafundi ukuba bangabi madolonzima ukufaka izicelo kulesi sikhungo. Uthe bagxila kakhulu kulabo bafundi abasuke bephase kahle ebangeni leshumi.
UNkk Mzobe uqhube wathi isikhungo yisona sodwa esinezifundo ze-Agricultural Engineering. Wathi i-UKZN inomlando ojulile futhi ihlanganisa iminyaka ewu-124 sasungulwa eKwaZulu Natal.
UNksz Nokwanda Malinga, obemele iDurban University of Technology (DUT), unxuse abafundi ukuba basheshe bazifake izicelo ezikhungweni zemfundo ephakeme.
UNksz Xolisile Masikane, osebenzela iMakhophila Training uthe bagxile ekucijeni kakhulu amakhono abantu abasha. Uthe uma kukhona abantu abasha abanentshisekelo yokuziphilisa ngamakhono abo mabasondele kubona.
Inkosi uMzamo Buthelez, yeNkatha Freedom Party (IFP), iphonsele abantu abasha inselelo yokuba babhukule, balwele ukuphila impilo engcono futhi bagweme izidakamizwa nezifo ezithathelanayo.