NJENGOBA iqhubeka inkinga yokucinywa kukagesi kuleli, izinyunyana zothisha seziyalele uhulumeni ukuthi aqinisekise ukuthi izivivinyo zika-matric eziqala ngenyanga ezayo, kaziphazamiseki uma sekubhalwa.
Lezi zinyunyana zithe lezi yizivivinyo zikazwelonke ngakho akumele abafundi baphazamiseke.
UMengameli weNatu, uMnuz Sibusiso Malinga, uthe umengameli nohulumeni awuholayo kumele aqinisekise ukuthi abafundi abaphazamiseki.
Uthe njengoba kwaziwa ukuthi lezi zivivinyo zizobhalwa nini, kumele kwenziwe izinhlelo zokuthi zingaphazamiseki.
“Kumele kwenziwe izinhlelo ngoba lokhu kucinywa kukagesi kuphazamisa uwonke wonke. Abafundi basebenze kanzima befunda, akumele baphazanyiswe wukucinywa kukagesi,” kusho uMalinga.
Uthe njengoba kukhona izifundo ezidinga ukuthi kube nogesi, kumele kwenziwe izinhlelo zokuthi labo kabazophazamiseka baphinde bakwazi ukubhala.
Okhulumela iSadtu, uNksz Nomusa Cembi, uthe ukucinywa kukagesi kuphazamisa kakhulu ukufunda nokufundisa ezikoleni.
Uthe kumele kwenziwe okuthile ukuze izivivinyo zingaphazamiseki.
“Ezifundweni ezidinga ugesi njengezinye izikole zisebenzisa amabhodi esimanje adinga ukuthi kube nogesi ngakho ukucinywa kukagesi kuyaphazamisa kudale nokutatazela kubafundi.”
Uthe lokhu kucinywa kukagesi kuzoba nomthelela nakubafundi abafundayo njengoba kungamaholidi okuvalwa kwezikole.
“Abanye abakwazi ukufunda emakhaya ngoba ugesi uzobe ungekho.”
UMnuz Kwazi Mthethwa okhulumela uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe iyabakhathaza eyokucinywa kukagesi okuqhubekayo kuleli.
Uthe kodwa akekho umfundi ongeke angabhali ngenxa yokucinywa kukagesi.
“UNgqongqoshe kazwelonke, uNkk Angie Motshekga, unezingxoxo azibamba nobuholi be-Eskom ngalolu daba. Uzobe esesinika umkhombandlela siyizifundazwe ngokumele sikwenze. Nathi sizokwenza izinhlelo ukuze lesi simo singaphazamisi kakhulu.”
Umnyango, minyaka yonke, uhlale wenza izinhlelo zokuthi labo abaphazamiseka ngesikhathi kubhalwa ukuthi bakwazi ukuphinde babhale ngonyaka ozayo, uma sekubhalwa izivivinyo zokuchibiyela.
Uma ubugula ngesikhathi kubhalwa futhi unabo ubufakazi, uyakwazi ukuphinde ubhale futhi ngonyaka olandelayo.