UFUNA ubulungiswa umndeni webhungu okuthiwa lishayiswe “yimoto kaSomlomo” kaMasipala wasoLundi, lashona.
UMnuz Thandolwethu Lungelo Nkabinde (20) kusolokala ukuthi ushayiswe yiveni ebeyihamba usomlomo, uMnuz Senzo Buthelezi.
Uyise kamufi, uMnuz Thuba Nkabinde uthe indodana yakhe ishayiswe yimoto ngoLwesine ntambama kade izivocavoca ngokugijima emgwaqweni uR66 eMayiwane.
Kusolakala ukuthi ngemuva kokumshayisa kayizange ime imoto ivele yabaleka.
“Sayicinga saya nasesiteshini samaphoyisa nakhona sangayithola. Saze sayithola ifihliwe kwamasipala. Umuntu owabona (kwenzeka ingozi) wakuqaphela ukuthi le moto inezinombolo ezivamise ukuhamba abantu bakamasipala,’’ kusho uNkabinde.
Kuthiwa umuntu owabona kwenzeka ingozi ungumsebenzi wakwamasipala.
Uyise kamufi uthe indodana beyingasafundi, yaqeda esikoleni ngo-2020. Uthe uninalume wengane nguyena owafica le moto ifihliwe ngaphakathi kwamasipala.
“Bakhomba omunye wabaqaphi bathi nguyena olimaze ingane. Kodwa kuthe kusa ngakusasa sathola ukuthi ngusomlomo obekade ezishayelela imoto, yingakho abaleka endaweni yesigameko ngoba akavumelekile ukuzishayelela izimoto zikamasipala,’’ usho kanjena.
Uthe le ndaba ikhulunyelwa phansi kwamasipala ngenxa yokuthi uButhelezi uphethe isikhundla esiphezulu.
“Ngisho umsebenzi owambona efika masinyane, uyasho ukuthi usomlomo wavele wayoyipaka lapho okungapakwa khona ezinye izimoto eyifihla.
Esehamba waphuma ngenye imoto i-Almera. Ngokuphazima kweso kwafika abaqapha uButhelezi maqede kwakhandwa isu lokuthi kuthiwe ngomunye walaba baqaphi olimaze ingane,’’ usho kanjena.
Uthe ingane yakhe uzoyikhumbula ngenhlonipho nangothando lwabantu ebinalo futhi ibikade iphokophelele ukuba yiphoyisa lomgwaqo.
Uthe njengoba ishone izivocavoca beyenzela khona ukuthi uma kwenzeka ibizelwa kwinhlolokhono iyifice isesimweni esifanele.
Uthe akanendaba nokudla nangezindleko zomngcwabo ababathembise khona kwamasipala, bona bayakwazi ukuzingcwabela.
Uqhube wathi bona abakufunayo nje kuphela wubulungiswa ngokufa komntwana wabo.
“Sathi sisekhona endaweni yesigameko (usomlomo) wathumela umyalezo othi bazofika ekhaya ntambama kuzokhulunywa indaba yokuthi ingane ifihleka kanjani. Loyo wumbhedo, ukuxhaphaza amandla umuntu aphathiswe wona.
Bona bacabanga ukuthi wonke umuntu ongesona isikhulu sikamasipala akakwazi ukuzingcwabela ingane,’’ echaza ngokuthuthumela.
Ukufanise nokudelela ukuthi bazongcwatshelwa ingane, wathi ubatshelile nokuthi abame ngendaba yetende abese befuna ukuliphuthumisa.
“Asineme ngoba kwamuntu owenze icala basamfihla bona. Kwayena usomlomo ufikile njengomuntu ozokhala. Kodwa ufike njengomuntu ozobona umonakalo owenziwe ngumqaphi wakhe,’’ usho kanje.
UNkabinde ugcizelele ukuthi akanendaba nesinxephezelo ngoba ngeke siyivuse indodana yakhe, engeza ngokuthi owonile kumele aboshwe.
“Uma eboshwa lokho kuzosiza ekutheni bangaphinde bayenze into efana naleya. Uma uyibukisisa kahle leya ngozi, uyabona kuthi lo muntu ingane uyishayise izikhawu ezimbili eyilanda ngechopho lemoto kwesokunxele wayiqedela kwelangakwesokudla.
Phansi emgwaqweni akukho ngisho umaka otshengisayo ukuthi uke wazama ukuyinqanda imoto,” kuchaza uNkabinde ngosizi.
Kushaye isikhathi sokushicilela udaba, ongumkhulumeli kumasipala, uMnuz Cebo Buthelezi engabuyelanga entathelini nezimpendulo njengoba ebethembisile.
Uthe usayohlwaya ulwazi ukuthi iMeya yasoLundi uMnuz Wilson Ntshangase noma uSomlomo uBethelezi ozophawula ngalo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa asoLundi aphenya icala lokubulala ngokungenhloso mayelana nalesi sehlakalo.