OWESILISA ongowokufika eNingizimu Afrika, ugwetshwe iminyaka eyisishiyagalombili ebhadla ejele ngecala lokuqola isaguga imali yempesheni.
Lo mlisa ugwetshwe ngemuva kokutholakala enecala lokuqola ikhehla laseThekwini, eselithathe umhlalaphansi isamba sikaR738 500.
UFelix Tepi Atto (33), odabuka eCameroon, ulahlwe yicala lokweba maqede wagwetshwa yinkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Iminyaka emithathu yesigwebo sakhe ilengisiwe ngombandela wokuthi angatholakali necala elifanayo ngesikhathi edonsa isigwebo sakhe. Ngokusho kwamaphoyisa, u-Atto wazenza ukhokhovula lwenyanga ekhehleni ngo-2018 kanti uhlose ukuliyengela ophathe.
"Isela eligwetshiwe lazenza inyanga kumgilwa maqede lamenza wakholwa ukuthi lalizokwenza imali yakhe izale ize ibe uR5 million," kusho uConstable Thenjiswa Ngcobo okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
"Umgilwa wabe esenikeza isela imali ukuze izale eminyakeni emibili. Ngesikhathi imali yakhe incipha, waze waboleka neyomqashi wakhe. Inkukhu yaqala ukusola umgqakazo uma engasawutholi uR5 million ayethenjiswe wona."
NgoFebhuwari 12, 2020 umgilwa wabe esevula icala lokwebelwa maqede uphiko oluphenya ngobugebengu obuthinta imali KwaZulu-Natal lwaqala uphenyo.
"U-Atto waboshwa ngalolo suku enkabeni yeTheku. Wanqatshelwa ibheyili futhi wagqunywa esitokisini kwaze kwaba uyagwetshwa."
Iminyaka emithathu esigwebeni sakhe ihoxisiwe ngombandela wokuthi aze angatholakali necala elifanato ngesikhathi esadonsa isigwebo.
Kwesinye isigameko, isalukazi sisale simunca izithupha emuva kokuba inyanga ikhale yemuka noR30 000 waso ekubeni beyisithembise ukuwuzalisa uze ube uR1 million.
Emuva kokuyinikeza imali, inyanga ivele yatshela isaguga ukuba silinde kanti seyishaya utshani ngomunye umnyango. Wasala ugogo egqolozele inkongolo.