OTHISHA abadlwengule abafundi nozakwabo, abashaye abafundi nozakwabo, abasize abafundi bekopela ngesikhathi sezivivinyo kanjalo nabakokotele amamaki, ngamanye amacala abekwe othisha abakhonjwe indlela ngumkhandlu olawula othisha kuleli, iSouth African Council for Educators.
Lokhu kuvele embikweni we-Sace othulwe ekomitini loMnyango weMfundo eyiyiSekelo ePhalamende.
U-Nksz Ella Mokgalane oyisikhulu esiphezulu seSace, uzwakalise ukukhathazeka ngamacala othisha abasalala nabafundi.
Uthe minyaka yonke lesi sihlava kasivumi ukwehla.
Uveze ukuthi emacaleni angu-254 abawaphenyile onyakeni u-2022/2023, angu-80 athinta othisha abahlukumeze abafundi ngocansi, angu-75 othisha abashaye abafundi nabashaye ozakwabo.
“Phezu kokuba othisha bexwayiswa njalo ngokuthi bayeke ukulala nabafundi kodwa bayaqhubeka nokulala nabo. Abanye baze bashaya ozakwabo, kanjalo nabafundi ekubeni kuyicala ukushaya umuntu.”
Uthe amanye amacala athinta ukukopelisa abafundi ngesikhathi sokubhalwa kwezivivinyo.
“Abanye othisha babekwe amacala okuqasha umuntu ngokungafanele, ikakhulu umuntu ongenazo iziqu. Yizinto esihlale sizibamba abantu bazame ukuzobhalisa emahhovisi ethu, besebenzisa iziqu zomkokotelo.
Siyabaxwayisa othisha ukuthi bayeke ukuthatha amashansi ngokuthi basebenzise iziqu ezingekho bezama ukubhalisa ngoba sizobabamba.”
Uveze nokuthi kunothisha abayisikhombisa abasuswe emkhandlwini wokufundisa ngokukhulelisa abafundi.
“Labo esithole ukuthi balale nabafundi, sithatha amagama abo siwayise eMnyangweni wezeNhlalakahle ukuze afakwe ohlwini lwabantu okungamele basebenze nezingane ngomuso.
Lokhu sikwenza ngoba asifuni umuntu osuswe ohlwini ngenxa yokuhlukumeza izingane, agcine esesebenza nazo kweminye iminyango.”
Ukhale ngokuthi eminye imindeni iye ikhokhise inhlawulo othisha abasuke behlukumeze izingane.
“Kuba yinkinga ngoba uthola ukuthi abazali baphoqa ingane ukuthi ingafuni ukuzofakaza uma sekunesigcawu ngoba bethi udaba sebelulungisile.
Bamukela inhlawulo bese udaba bethi aluyekwe, bese kuba nzima ukuqhubeka nodaba uma kungekho umuntu ozofakaza.”
Uveze nokuthi kunothisha abane ababasuse ohlwini ngoba bezibandakanye nenkohlakalo yokudayiswa kwezikhala zothisha.
Muva nje izinyunyana zothisha zisanda kugxeka othisha abasaqhubeka nalo mkhuba wokudayiswa kwezikhala.
U-Nksz Mokgalane uthe abanye othisha abenze amacala angatheni babajezisa ngokuthi babanjelwe umholo wenyanga eyodwa.
Abanye basuswa isikhashana ohlwini lokufundisa, baphinde babuyiselwe kodwa uma benze amacala abucayi athinta ukushaya, ukulala nabafundi nokudlwengula kanjalo namanye basuswe unomphela ohlwini lokufundisa.
Uthe onyakeni wezimali u-2022/2023, babhalise othisha abasha abangu-48 110.
Othisha abababhalisile uthe abakulungele ukufundisa futhi abathole nemvume eyisitifiketi esiqinisekisa ukuthi kabanagcobho, esivela emaphoyiseni ukuthi bangafundisa.