IKHANSELA le-ANC eThekwini, elisolwa ngokudubula libulale uzakwabo, likhala ngokuqhela nekhaya kwejele elitoke kulo, lithi okwenziwa uMbuso kuwuphula amalungelo alo.
UMnuz Mzimuni Ngiba (46), ongumsolwa wesithathu, ugqunywe ejele Ebongweni, eKokstad, nabanye abasolwa oMnuz Nkosinathi Ngcobo (38), Sandile Mzizi (40) noSifiso Mlondo (37).
Umsolwa wesihlanu uMnuz Phathesakhe Ngiba (25), oyisihlobo sekhansela uNgiba, utoke ejele laseWestville.
Bobahlanu bavele eNkantolo eNkulu yaseThekwini, izolo, ebigcwele abantu abebezobeseka. Icala lihlehliselwe u-Ephreli 18 nonyaka, ukuze kwenziwe izendlalelo zokuqala kokuqulwa kwecala.
Bathweswe amacala amabili okubulala uMnuz Siyabonga Mkhize, owanqoba ukhetho engasekho, nelungu le-ANC uMnuz Mzukisi Nyanga.
Abasolwa babhekene namanye amacala amabili okuzama ukubulala abantu ababili ababesemotweni noMkhize noNyanga behlaselwa emuva kokukhankasa eCato Crest, eMayville, ngo-Okthoba 2021.
Ummeli kaNgiba, u-Advocate Roshan Dehul, uthe uhlangabezana nezingqinamba njalo uma kumele abhunge ngecala nomsolwa.
“Ejele agcinwe kulona (uNgiba) unikwa amahora amabili okuxhumana nomsolwa. Uthi usagcwalisa amafomu okungena khona, utshelwe ukuthi sesiphelile isikhathi sokubona isiboshwa.
“Kwakungcono besagcinwe ejele laseWestville, ngesikhathi sokuqulwa kwebheyili kusukela ngoJuni kwaze kwaba wu-Agasti (2022),” kusho uDehul.
Uthe nemindeni yabasolwa ayinayo imali yokufinyelela eKokstad futhi kudla imali nesikhathi ukulungisela icala uma abasolwa beseKokstad.
Omunye ummeli wabasolwa, uMnuz Lindo Bhengu, ucele inkantolo ukuthi ibuyisele abasolwa eWestville.
Ijaji liyalele abameli ukuthi banikeze uMbuso uhlu lwezinsuku abafuna ukubona ngazo abasolwa yikhona bezolethwa ngazo eWestville.
Liyalele nokuthi ilungiswe eyokugcinwa kwabasolwa eKokstad ngoba kuzoba nzima ukuthi bafinyelele enkantolo uma sekuqulwa icala.
Abebethamele icala bathe bazophuma phambili abasolwa ngoba bamsulwa, bayabhecwa ngento abangayenzanga.
UMkhize wayekade ephakanyiselwe kwesobukhansela ngesikhathi ebulawa. UNgiba wayeyikhansela kodwa sesiphela isikhathi sakhe sokuphatha. UMkhize walunqoba ukhetho eseshonile, kwaphoqeleka ukuthi ngonyaka odlule, kuyiwe okhethweni lokuchibiyela i-ANC isifolosa ngoNgiba owanqoba, wabuyela kwesobukhansela.