IJAJI Tshifhiwa Maumela, liluleka abantu abasha ukuthi basike iphethini empilweni yesishoshovu se-ANC esihlonishwayo uMnuz Oliver Tambo, uma befuna ukuba ngabantu abanohlonze.
IJaji beliyisikhulumi esiqavile ngoLwesihlanu esifundweni esingempilo kaTambo, ebesise-Unisa, eTshwane. UMaumela ugqame kakhulu muva nje ngoba nguyena ohlalele ukuqulwa kwecala lokubulawa kowayengunozinti uSenzo Meyiwa.Isifundo besihlelwe yi-Unisa ngokubambisana ne-Oliver and Adelaide Tambo Foundation.
UTambo wazalwa ngo-Okthoba 27,1917 washona ngo-Ephreli 27, 1993. Nonyaka ubezoba neminyaka ewu-105 ukube ubesaphila. Waqala waba nguthisha, waba ngummeli, wagcina engumengameli we-ANC iminyaka ewu-24, nguye owayihola isikhathi eside kunabanye.
Unconywa ngokuhola i-ANC ngobuqotho ngezikhathi ezinzima zomzabalazo wenkululeko. Isifundo besithanyelwe yizifundiswa nezitshudeni futhi kubonakala ukuthi bakitazwa amancoko eJaji Maumela, ngesikhathi likhuluma. Ijaji lithe alingabazi ukuthi abantu abasha bangaphumelela uma bengakopela impilo kaTambo.
“UTambo waziphatha ngenhlonipho nobuqotho, akaze agudluke kulokho. Kubalulekile ukuthi abantu abasha babukele kuyena, bomele imfundo hhayi ukuhlala behla benyuka emgwaqweni neziphuzo. UTambo akazange acwile ophuzweni,” kubeka iJaji uMaumela.
Ijaji lincome uTambo ngokuthi wasebenza ngokusezingeni eliphezulu engummeli, wathi nakuba wayelwela ubulungiswa emelene nokucwasa ngebala kodwa wayekwenza ngokuzithoba futhi ehlonipha umthetho.
Ijaji likhale ngesihlava senkohlakalo lathi uTambo wake waxwayiswa ngokuthi, i-ANC ekhohlakele iyobe iyimbi ukwedlula uhulumeni wobandlululo.
UMaumela uthe abantu nje kuwo wonke amazinga kufanele bazinuke amakhwapha ngodaba lwenkohlakalo, bakhumbule uTambo. Wathi inkohlakalo ibhokile kuhulumeni nasezinhlakeni ezizimele.