IHHOVISI loMvikeli woMphakathi seliqinisekise ukuthi seliqedile ngophenyo ebelimatasa nalo olumayelana nokuthi ngabe ukhona yini umthetho owaphulwa uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ngodaba lwepulazi lakhe iPhala Phala.
Iqembu lezepolitiki i-African Transformation Movement (ATM) lajuba umholi walo, uMnuz Vuyolwethu Zungula ukuba afake isikhalo sokuthi uRamaphosa uphule imibandela yehhovisi kulandela isigameko sokwebiwa kwemali eyizishaqane zamadola aseUSA.
Lesi sigameko senzeka epulazini lakhe uRamaphosa eWaterberg eLimpopo ngoFebhuwari 2020.Encwadini esayinwe isikhulu esisabambile, uMnuz Vusumuzi Dlamini, uthe umbiko wesikhashana usubhaliwe ithimba labaphenyi.
“Umbiko wesikhashana usukulungele ukuthi ubuyekezwe yizigungu zangaphakathi ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukahle,” kusho Dlamini.
Uthe uma sekuqediwe ukubuyekezwa kwawo, uzohanjiswa eminyangweni efanele ukuze iphawule ngokutholwe ithimba labaphenyi, bese umbiko ukhishwa ngokusemthethweni.
Ihhovisi loMvikeli woMphakathi lithe okunye okumayelana nalolu daba lizokuxoxa ne-ATM uma sekushaye isikhathi esifanele.
NgoJuni 14 nyakenye kwenziwa isiphakamiso sokuthi iPhalamende liphenye ukuthi uRamaphosa awukho yini umthetho awuphula ngalolu daba ngokuthi lisungule ikomiti elizophenya ngezinsolo ngokukaSection 89.
Ngenyanga edlule, iNhloko yamaJaji eseyathatha umhlalaphansi, uSandile Ngcobo nethimba ayesebenzisana nalo kulolu daba bathola ukuthi uRamaphosa uyiphulile imigomo yehhovisi lakhe.
Yize kulokhu kunale lifu elimnyama elilenga ekhanda lakhe, uRamaphosa ukwazile ukubuyisa amandla akhe ngenyanga edlule ngesikhathi ephinde ephuma phambili, evotelwa ukuthi abuye ihlandla lesibili kwesokuba umengameli we-ANC.
Lokhu kwenzeke engqungqutheleni yaleli qembu ebiphakathi kukaDisemba 16 kuya kuDisemba 20 eNasrec eGoli.