IGUBUZELWE yifu i-ANC kufa abayisishiyagalolunye engozini okugingqike kuyo ibhasi, okuthiwa belithwele amalungu nabalandeli bale nhlangano abebebuya eralini yokwethulwa komqulu wezethembiso zokhetho obuseThekwini.
Ingozi yenzeke ngeSonto ekuseni emgwaqweni u-R33 ngaseDumbe kanti ibhasi beliya eMpumalanga.
Esitatimende esithunyelelwe abezindaba, i-ANC ithe lezi zindaba ziyidumaze kakhulu kwazise ibizishaya isifuba ngempumelelo yomcimbi wezithembiso zokhetho obizwa ngeMayihlome Rally, okubonakale kuwo abalandeli namalungu enhlangano egcwalise inkundla yemidlalo iMoses Mabhida.
Idlulise amazwi enduduzo emindenini yabashone kule ngozi.
“Bakhombise ukuzinikela okukhulu enhlanganweni ngokuhambela umcimbi iMayihlome Rally. Kube yinhlekelele ukudlula emhlabeni kwabantu emva kosuku olube yingqophamlando. Ukuzinikela kwabo ekwakheni ikusasa elingcono ezizukulwaneni, kuyohlezi kukhumbuleka,” kusho isitatimende.
Ngesikhathi sokuloba, ubuholi be-ANC kulesi sifundazwe nobasesifundazweni iMpumalanga bebuhambele endaweni yesehlakalo.
Ecashunwa ekhuluma kwi-eNCA okhulumela le nhlangano KwaZulu-Natal uMnuz Mafika Mndebele, uthe bayisishiyagalolunye okusabikwe ukuthi bashone kule ngozi kanti abangu-10 balimele kanzima baphuthunyiswa ezikhungweni zezempilo eziseduzane.
UMphathiswa woMnyango wezokuThutha ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka, uqinisekise ukuthi uphenyo ngale ngozi seluqaliwe njengoba kuxhunywanwa nomnikazi webhasi.
“Uphenyo lubandakanya isimo sebhasi, esomgwaqo nesimo sezulu esikhathini okwenzeke ngaso ingozi, kanjalo nesomshayeli. Sifisa ukuthumela amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe abathandiweyo bayo, sifisele abalimele ukululama ngokushesha,” usho kanje.
Kwenzeka lokhu nje i-ANC isazikhotha amanxeba njengoba ngenyanga edlule kwenzeka into efanayo, kushona abayisithupha engozini yebhasi eyayithwele amalungu ayo ayebheke emcimbini wale nhlangano waminyaka yonke owaziwa nge-January 8, owawusesifundazweni iMpumalanga.
I-IFP nayo idlulise amazwi enduduzo emindenini yabalahlekelwe.
Oyikhulumelayo, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe imikhankaso yokuphepha emgwaqweni nokuqaphela kumele kubekwe eqhulwini ngalesi sikhathi amaqembu ezombusazwe enemicimbi ehlukene kulo lonke leli njengoba kubhekwe okhethweni.
Ne-EFF idlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonelwe.
Yize umnyango uveze ukuthi bayisishiyagalolunye okubikwe ukuthi badlule nale ngozi, kodwa ngesikhathi sokushicilela amaphoyisa aqinisekise abayisishiyagalombili.
Owakhulumelayo kuzwelonke, uBrigadlier Athlenda Mathe, uthe kuthunyelwe amaphoyisa namathimba ezokutakula endaweni yesigameko.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa ekhuluma ne-eNCA, uveze ukuthi ziningi izinto ezizobhekwa kule ngozi.