KUGOBHOZE igazi emigwaqweni yezwe kubhubha inqwaba yabantu ngempelasonto ende.
Ingozi ebe nkulu kunazo zonke eyenzeke kuthelawayeka u-N9, eGraaff-Reinet e-Eastern Cape, ekuseni.
Ngesikhathi sokushicilelwa kwalolu daba besimi ku-15 isibalo sabantu abaphangalale kule ngozi okushayisane mahlanze itekisi ebilayishe igcwele nemoto i-Mazda CX5.
Abakwa-Road Traffic Management Corporation badalule ukuthi bashone bonke abantu abayisithupha abebehamba ngale moto eyi-SUV futhi kuyaphenywa ngembangela yengozi.
Kuthiwa itekisi ibisuka eWestern Cape iya e-Eastern Cape.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha e-Eastern Cape uMnuz Nathi Binqose unxuse abashayeli ukuthi bahlale beqaphile, babekezelelane futhi balandele imithetho yomgwaqo.
Enye ingozi ehlasimulisa umzimba, okushone kuyona abantu abahlanu, yenzeke kuthelawayeka u-N2 eMpangeni ngeSonto ekuseni.
Abezimo eziphuthumayo iKwaZulu Private Ambulance bafike endaweni yengozi bathola ukuthi kushayisane iloli, iveni nezimoto ezimbili.
Okhulumela le nkampani, uMnuz Craig Botha, uthe abantu abahlanu bafe ujuqu endaweni yesehlakalo.
“Abezimo eziphuthumayo baxilonge abantu abebelimele endaweni yesigameko ababe sebedluliselwa ezibhedlela ngama-ambulensi. Ngeshwa abayisihlanu sifike sebevele beshonele endaweni yesigameko,” kusho uBotha.
UBotha uveze nokuthi uthelawayeka u-N2 ube nezinye izingozi ezidlule nemiphefumulo yabantu ngaseSikhaleni naseHibberdene, eMzumbe.
Uthe eSikhaleni ibhasi nezimoto ezimbili kubandakanyeke engozini okushone kuyona umuntu oyedwa.
EHibberdene kuthiwa iveni ebihamba abantu abathathu igingqike izikhawu yaze yayoma eceleni komgwaqo. Lapho kushone umuntu oyedwa kwalimala kanzima ababili.
Khonamanjalo, ungcwatshwe eFolweni, eThekwini, izolo uNkk Nonzuzo Gumede nabantwana bakhe oSamkelo, Mpendulo, Mnqobi noNqobile.
Bashone engozini yomgwaqo eyenzeka eHarrismith, eFree State kwathi uMnyango wezokuThutha oholwa uMphathiswa uMnuz Siboniso Duma walekelela ngokubuyiselwa kwezidumbu ekhaya nangomngcwabo.
Umnyango ukhiphe isexwayiso esishubile osibhekise kubashayeli wathi bazolala bebaliwe uma bengenawo amaphepha aqondile abagunyaza ukuthi bashayele.
Kuvele ukuthi sekuboshwe abashayeli abangaphezu kuka-10 abebeshayela ngaphandle kokuba nama-professional driving permit (PrPD).