INHLANGANO ebhekelela ukusebenza emkhakheni wokuphathwa kwezimali iFinancial Sector Conduct Authority (FSCA), isiqale uphenyo nge-QZ Asset Management, emuva kokuthola izikhalo kubantu.
IFSCA iveze ukuthi isukume emuva kokuthintwa ngabantu bekhala nge-QZ Asset Management Customer Service Consultants (Pty) Ltd, edume ngokuthi iQZ Asset Management.
“Sithole izikhalo ebantwini abakhala ngeQZ Asset Management. Sithe uma siphenya sathola ukuthi yinkampani ehlangene nenye yaseChina, ebizwa nge-Qianze Asset Management Limited (QZ Asset Management China). Ikuqinisekisile ukuthi ibisebenzisana nabantu baseNingizimu Afrika, ibalekelela ngama-akhawunti abo,” kuchaza iFSCA.
Idalule ukuthi abantu bakhala ngezinhlelo zokuzikhangisa zeQZ, bakhala ngewebsite yenkampani, nokuthi abasakwazi ukukhipha imali.
Ithe iQZ Asset Management China, ibisiza abantu ukuthi batshale imali besebenzisa iBig Data Artificial Intelligence (BDAI), okuwuhlelo lwekhompyutha obeluthathela abantu izinqumo zokutshala imali.
IFSCA ithole ukuthi abantu bakuleli bebetshale imali kwiQZ kanti bebethenjiswe inzuzo ka-400%.
IFSCA iqhube yathi ngaphambi kokuthi abantu batshale imali, kufanele benze isiqiniseko sokuthi inkampani abatshala kuyo imali inelungelo lokusebenza eNingizimu Afrika, futhi ibhaliswe ngokusemthethweni.
Ithe okwamanje ngeke iphawule kakhulu ngophenyo elwenzayo kodwa izokwazisa umphakathi uma uphenyo seluphothuliwe.
Idonse abantu ngendlebe ukuthi bangahambi belalela noma ngubani obaluleka ngosizo lwezimali, ngaphandle kokubheka ukuthi unegunya lokwenza lowo msebenzi.
Abantu bangathola ukuthi izinkampani zinegunya lokusebenza ngemali ngokushayela u-0800 110 443, bangabheka amalayisensi ezinkampanini noma abantu abathi banegunya lokusebenza ngemali ku:https://www.fsca.co.za/Regulated%20Entities/Pages/List-RegulatedEntitiesPersons.aspx
Bangabheka ukuthi izinkampani ziyawulandela umthetho wokusebenza ngemali ngokungena ku-: https://www.fsca.co.za/Fais/Search_FSP.htm