UKWENZA kahle kweqembu ngokunqoba okhethweni lokuchibiyela komasipala baKwaZulu-Natal, sekushiye i-IFP nethemba lokuthi ingakwazi ukubuyisa isifundazwe okhethweni lwango-2024.
I-IFP izidlele amahlanga ngoLwesithathu, ngesikhathi kunokhetho lokuchibiyela ewadini 11, kuMasipala waseMuziwabantu. I-IFP ithole amavoti angu-1 149, yalandelwa yiSun ethole amavoti angu-503.
I-ANC ithole amavoti angu-355. Ngokhetho olwedlule lohulumeni basekhaya, i-IFP yathola u-6% wamavoti ewadini. Le wadi ibiphethwe yi-Al-jamah, kanti isikhala savuleka ngesikhathi kusula owayeyikhansela layo, uMnuz Mondli Ncane.
I-Al-jamah ithole u-1% kuphela wamavoti okhethweni lwangoLwesithathu.
Usihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe imiphumela yangoLwesithathu ikhombisa ukuthi abantu baKwaZulu-Natal, sebejahe ukuphathwa uhulumeni oholwa i-IFP.
I-IFP yagcina ukuphatha KwaZulu-Natal, ngaphambi kokhetho lwango-2004. Njengoba kuyiwa okhethweni lwango-2024, uNtuli uthe i-IFP ikhombisa ukukhula KwaZulu-Natal.
“Imiphumela emihle yokhetho etholwe yi-IFP eMuziwabantu, ikhombisa ngokusobala ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bayayithemba. Abantu baKwaZulu-Natal, sebekhombise kaningi ukuthi sebekhathele ubuholi obuzithwele obungahambisi izinto ngendlela.
“Ukhetho lokuchibiyela olunqotshwe yi-IFP eMhlathuze, eMthonjaneni, eMfolozi, naseMvoti, njengoba sesiphinde sanqoba eMuziwabantu, kukhombisa ngokusobala ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bayayithemba i-IFP.”
UNtuli uthe bazoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla, bahambise izidingo kubantu.
“Wonke amakhansela asanda kunqoba okhethweni lokuchibiyela azosayina isifungo se-IFP, lapho ezozibophezela ekuhambiseleni abantu izidingo.”
Umholi we-Al-jamah, uMnuz Ganief Hendricks, uthe baphoxekile ngokulahlekelwa yiwadi. Wathi ukusolwa kukaNcane ngenkohlakalo kwasilimaza isithunzi seqembu. UNcane wagcina esulile ebukhanseleni ngemva kokusolwa ngenkohlakalo kepha waphika.
“Imiphumela ikhombisa ukuthi abantu abakasixoleli namanje.”
Alikho iqembu elaphumelela ngamalengiso kumasipala. UHendricks uthe bazokweseka i-IFP ukuthi iphatha lomkhandlu.
“Siyayibongela i-IFP futhi siyifisela inhlanhla.”
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe imiphumela yangoLwesithathu ikhombisile ukuthi mkhulu umsebenzi osabahlalele.
I-ANC ikhombise ukwehla kule wadi njengoba ithole u-16% wamavoti, okhethweni lohulumeni basekhaya yayikade ithole u-27%.
“Siyayemukela imiphumela yokhetho. Lewadi ibikade ingaphansi kwe-Al-jamah. Imiphumela ikhombisile ukuthi kuningi okufanele sikwenze ukuze abantu basethembe.”