BAFUNA sifakwe ngaphansi kweso lomlawuli isikhwama esiholela abangasebenzi, i-Unemployment Insurance Fund (UIF) ngoba bakhala ngenkohlakalo edla lubi kusona.
I-Congress of South African Trade Unions (Cosatu) ikhononda ngokuthi i-UIF ayihlelekile ngoba abantu abaphelelwe yimsebenzi balinda isikhathi eside ngaphambi kokuthi bahole imali yabo.
UMnuz Matthew Parks okhulumela iCosatu, uthe siyabakhathaza isimo se-UIF, ngoba silambisa abasebenzi kanti nabasekhefini lokukhulelwa kabakhokhelwa imali yabo ngesikhathi.
Wathi okubakhathaza kakhulu yizinsolo zokuthi i-UIF itshala imali emabhizinisini ngaphandle kokwenza ucwaningo olunzulu ngawo.
“Izinkinga ze-UIF akufanele ukuthi ziyenzeka ngoba sinobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu. Abasebenzi banenkinga uma beyofuna izimali zabo futhi bahlale befika kuthiwa amakhompyutha awasesbenzi (-offline). Abasebenzi bakhona bancane futhi abanawo umusa wokusiza abanye abasebenzi. Bathi noma sebezifakile izicelo zokuthi bakhokhelwe imali yabo abebeyikhokhelwa ngabaqashi bengakadilizwa, balinde isikhathi eside,” kuchaza uParks.
Uqhube wathi abasebenzi bagcina sebephelelwe yimali yokugqigqa emahhovisi e-UIF.
Ukhale ngokuthi okubacika kakhulu wukuzwa ukuthi i-UIF itshale uR5 billion, enkampanini ezobizwa ngokuthi yiThuja Investments, yize yayitsheliwe ukuthi ingakwenzi lokho.
“Sihambisana noNgqongqoshe wezabaSebenzi uMnuz Thulas Nxesi, uma ethi aluphenywe udaba lwale nkampani ngoba asifuni kudlalwe ngemali yabasebenzi. I-UIF akusona isikhwama esihlalele ukucebisa abathile. Sifuna uMengameli (Cyril) Ramaphosa, ayifake ngaphansi kweso lomlawuli,” kusho uParks.
Uthe bafuna kuphenywe nezikhulu ezithintekayo odabeni lokutshalwa kukaR5 billion, ukuthi ziphila impilo elingana namaholo azo yini.
Ucele abePublic Investment Corporation (PIC), ukuthi bacacise ngezinhlelo abanazo zokuvikela imali ye-UIF.
Kolunye uhlangothi nenhlangano yosomabhizinisi iBusiness Unity South Africa, iphakamise ukuthi i-UIF ifakwe ngaphansi kweso lomlawuli ngenxa yenkohlakalo nokwehluleka kwayo ukukhokhela abasebenzi izimali zabo ngesikhathi esifanele.
UKhomishana we-UIF, uMnuz Teboho Maruping, uthe balandela umthetho uma betshala izimali ze-UIF, wathi abanobufakazi benkohlakalo kufanele babulethe ukuze kuphenywe.
Uqhube wathi kuningi asebekwenzekile ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi bayithola ngesikhathi imali yabo, emuva kokudilizwa. Ugqugquzele abasebenzi ukuba bazibheke nyanga zonke ukuthi basabhalisiwe kwi-UIF, baqinisekise nokuthi abaqashi bayayikhokha imali nyanga zonke.