IDEDELWE ngebheyili kaR10 000 iMeya yaseMsinga, uMnuz Mlethi Ndlovu, eNkantolo yeMantshi yaseMsinga, ngoMsombuluko.
UNdlovu nonogada bakhe ababili bebevele enkantolo ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni. Onogada bona banikwe ibheyili kaR1 000 umuntu emunye. Inkantolo ilihlehlisele uNovemba 21, icala.
Laba bobathathu baboshwe ngoLwesihlanu, kulandela ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Kuthiwa ngesikhathi beshaqwa amaphoyisa, kuthathwe zonke izibhamu ebebeziphethe ukuze ziyohlolwa ukuthi azithinteki yini ebugebengwini?
UNdlovu uboshwa nje, ubesanda kuba ngundabuzekwayo ngezinsolo zokubulala ikhansela lomasipala wakhe, uMnuz Siyanda Magubane, ngenyanga eyedlule.
Kwasabalala ezinkundleni zokuxhumana i-video lapho ekhonjwa khona ngenjumbane ngomunye wezikhulumi emngcwabeni kaMagubane ukuthi nguye ombulele.
Ngaleso sikhathi, uNdlovu wayehleli ethule etafuleni nabanye abahlonishwa ababethamele inkonzo yomngcwabo kaMagubane.
Emuva kokuvela kwalezi zinsolo, iqembu lakhe i-IFP laveza ukuthi liyaphenya ngazo kodwa ngeledlule libuyise umbiko wokuthi akukho zinyathelo ezozithathwa okwamanje, lizodedela umthetho uthathe indawo.