KUZOKHISHWA iqophamlando eliveza izinsuku zokugcina zesihlabani somculo wokholo esingasekho uDeborah Fraser. Kuzokhonjiswa umsebenzi wakhe epheka icwecwe lokugcina.
UDeborah washona ngonyaka owedlule esibhedlela iChris Hani Baragwanath Academic, eSoweto, exinwe wukugula. Wayeneminyaka engu-56 ngesikhathi eficwa yisikhathi sokudlula emhlabeni.
Ngaphambi kokuthi ashone uDeborah, wabonakala ehamba ngesihlalo esinamasondo emcimbini thizeni ayenandisa kuwona. Kwathi uma Isolezwe ngeSonto lixoxa naye wachaza ukuthi kunokugula okumxine kabi okuhambisana nesifo sikashukela.
Kwaphoqeleka ukuthi umngcwabo kaDeborah ume, isidumbu sabuyiselwa emakhazeni ngenxa yemvula enkulu eyayixakile eThekwini. Wagcina engcwatshwe eLala Nathi Memorial, eThekwini.
Umndeni wawuthembisile ukuthi kuzophuma icwecwe likaDeborah ashiye eselenzile. Sekuya ngamagama enkehli ngoba liqediwe kwakhishwa isingili. Kumanje isingili ethi Basheshe Bahleka, iyatholakala namavidiyo aseqalile ukubonakala.
Okuqaphelekayo wukuthi icwecwe likaDeborah liphume ngenyanga ashona ngayo ngoba washona ngoMeyi 15, ngonyaka odlule. Icwecwe eliphelele lizodedelwa ngoMeyi 19 ngoLwesihlanu.
Okhulumela umndeni uLeon Fraser, uthe sezingenile izicelo zokuthengwa kwe-albhamu.
“Sixoxile nabe-Universal Music ukuthi kungaba kuhle icwecwe liqondane nesikhathi ahamba ngaso njengoba sekwenzekile nje. Icwecwe lizophuma izikhawu ezimbili ingxenye yokuqala kulo nyaka bese kuba enye ngonyaka ozayo. Kuzoba khona neqophamlando kuvezwa okwakwenzeka estudiyo kuqoshwa,’’ kusho uFraser.
Uthe uFraser banezinhlelo eziningi zokuthi igama likaDeborah lingashabalali ngoba nakhu engasekho emhlabeni, uthe kuningi okusazokwenzeka egameni lakhe. Umculi kamaskandi uKhuzani ubonakala evela kakhulu kumavidiyo kaDeborah bepheka icwecwe lakhe leli elizophuma maduze nje.