UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Zweli Mkhize, umemezele ukuthi kuphinde kwashona abanye abantu bakuleli abangaphezu kuka250 ngenxa yoCorona kwathi abangu13 944 bahaqeka, okwenze isibalo sakhuphukela ku421 000.
NgoLwesithathu ebusuku kufe abangu572, obekuqala ngqa ukuthi kudlule emhlabeni abantu abaningi kangaka. Abantu asebeshonile kuleli sebebalelwa ku6 343, okuhamba phambili iWestern Cape ngabawu2 827, kuze i-Eastern Cape ngabawu-1 406, isithathu kube yiGauteng ngabawu-1 326 kwathi isine kwaba iKwaZulu-Natal ngabawu-565.
Izolo eGauteng kushone abawu139, kweza iKZN ngabawu50, iWestern Cape ngabawu47 ne-Eastern Cape ngabawu-13.
INingizimu Afrika ngabantu abawu421 996 asebehaqekile, ilele isihlanu emazweni anabantu abaningi abahaqekile emhlabeni wonke jikelele. I-US, Brazil, India neRussia yiwo amazwe asahamba phambili. Yi-India ne-USA, amazwe abenabantu abangu49 000 nabangu35 000 abahaqekile izolo.