NKOSIKHONA CELE
BELIGXILE kakhulu ekulekeleleni umphakathi elikuwona ibandla, iCovenant Fellowship Church International (CFCI) elibungaza ukuhlanganisa kwalo iminyaka engu-30 laba khona.
Lokhu kudalulwe umholi walo uMphostoli Collins Dhlomo obekade elandisa kabanzi ngemisebenzi yale libandla selokhu lasungulwa ngo-1994.
Uveze ukuthi leli bandla laklama indima enkulu kakhulu ekulekeleleni abantu abaningi ababenesifo sesandulela ngculazi. Lokhu uthe bakwenza ngesikhathi besanda kuthenga isakhiwo sabo sokuqala esiseSikhawini, ngenani lika-R300 000.
Uthe odokotela bebandla bangaleso sikhathi babesebenzisa sona ukulekelela ababehlaselwe yilesi sifo.
"Lokhu sakwenza ngoba sasibona ukuthi lesi sifo sihlasele ngempela siyefana nje netsunami,'' usho kanje. Uthi abagcinanga lapho izintandane zaziza kulesi sakhiwo zizolanda ukudla okwakuthengwa yibandla.
"Senza konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi izintandane siyazinakekela. Cishe ngaloyo nyaka zagcina zifinyelela ngisho ku-40 000 izintandane ezazondliwa yibandla,'' echaza.
Ukhulume nangomtholampilo okudebuduze nakhona eSikhawini, iSiboniso Clinic athe wakhiwa yile libandla.
"Sahlanganisa siyibandla ngemuva kokuba sikuqaphelile ukuthi sikhulu isidingo sawo kule ndawo,'' echaza.
Namanje uthe kunemindeni abayondlayo abahambisa amagilosa kuyona nyanga zonke.
Ukhulume nangendima eyaklanywa yibandla kwezemfundo nokuyinto athe lisayenza namanje.
Uveze ukuthi bayambonga kakhulu uNkulunkulu ngokuhlanganisa iminyaka engu-30 kwale libandla.
Ugcizelele ukuthi bekungelula nhlobo, zibe khona izinselelo maphakathi nendlela.
Uqhakambise amandla kaNkulunkulu njengoba ethe uyakhumbula lisungulwa ibandla bekhonzela emzini womuntu.
Uveze ukuthi wake wacabanga ukuliqamba ngokuthi yiZululand Covenant Church kodwa wabuye wathola izeluleko waguquka kuloyo mqondo.
Njengamanje le libandla uthe linezakhiwo ezahlukene KwaZulu Natal nabazalwane abalinganiselwa ku-20 000.