UKUNTENGANTENGA kwesimo somnotho kuholele ekutheni amakhasimende aboleke imali ebhange iCapitec ahluleke ukulikhokhela ngendlela, nosekuholele ekutheni liqinise imithetho yokubolekisa ngemali.
Leli bhange elingelinye lamabhange anamakhasimende amaningi kuleli, esitatimendeni salo njengoba kuqala ikota yesithathu yonyaka, lithe isimo somnotho esintekenteke eNingizimu Afrika, sibonakale ngezinga eliphezulu lenzalo nokwehla kwamandla emali okungaphezulu kwalokho okuwumgomo kahulumeni ezinyangeni eziyisithuba ezedlule.
"Lokhu kuholele ekutheni abathengi babe nengcindezi kwezezimali okube nomthelela emalini ebolekiwe yasebhange, kwaholela emalini ephezulu okumele ikhokhwe ngamakhasimende aboleke imali okudale abenezikweletu babe nengcindezi yokuzikhokhela.
“Ngenxa yalokhu siqinise imigomo yokunikeza izikweletu ukuze sinciphise ingozi ebonakala emabhukwini emali-mboleko kulesi sikhathi sesimo somnotho esinzima,” kusho isitatimende.
Leli bange lithe uma libheka kahle ukulahlekelwa ngenxa yezikweleti bekulindelekile kuze kube u-Agasti 31.
Ngakolunye uhlangothi, leli bhange lithi kube nokwenyuka kwenzuzo ngalesi sikhathi ngenxa yokuthengwa kakhulu kukamasingcwabisane leli bhange eliwudayisayo.
Leli bhange lilindele ukuthi inzuzo yalo yenyuke phakathi kuka-8% no-10% ngesheya ngalinye esikhathini esizayo sokubuyekeza.