IJABULE yaze yagiya iMeya kaMasipala KwaNongoma, uMnuz Albert Mncwango, namakhansela e-IFP ngesikhathi inkantolo imbuyisela esikhundleni emuva kokuketulwa phakathi nesonto.
IMeya uMncwango iketulwe emhlanganweni womkhandlu obuhlaliswe wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu KwaZulu- Natal.
Umnyango wajuba isithunywa sawo emuva kokuthola izikhalo zamakhansela asola usomlomo waKwaNongoma, ngokunqaba ukuhlalisa umhlangano ophuthumayo.
Kulowo mhlangano kwakhethwa ubuholi obusha uMnuz Clifford Mshangane Ndabandaba weNFP, wakhethelwa kwesobumeya. UMncwango nezikhulu abaketulwe nazo abazange beneliseke ngakho banikela enkantolo bephosela inselelo ukuketulwa kwabo. UMncwango nezikhulu bafake udaba njengoluphuthumayo nokwenze ukuthi inkantolo isheshe iluhlalele bese ikhipha isinqumo ngokushesha.
Udaba lungene eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, lwahlalelwa yiJaji ZP Nkosi, elikhiphe isinqumo esibuyisele uMncwango.
Inkantolo ibavunile abakhalazayo, yachitha ukukhethwa kobuholi obusha yase ibuyisela abebesezinkundleni. Ngesikhathi kuzwakala ukuthi isinqumo sibavunile, kusabalale ividiyo eveza uMncwango nendoda thizeni igxuma phambi kwakhe iphindelela naye eviliyela ejabula kukhona nowesifazane ehalalisa.
Isolezwe ngeSonto linawo amaphepha esinqumo senkantolo esiphume ngoLwesihlanu.
Amaphepha enkantolo athi yisinqumo sesikhashana lesi esikhiphile yase iyalela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu esifundazweni, ukuthi ufake amaphepha uchaze ukuthi kungani kungafanele isinqumo sibe wujuqu.
USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthe isinqumo senkantolo sifakazela abebevele bekusho okokuthi izinto azihambanga ngendlela. Uthe bayazi ukuthi kunemizamo yokuthi i-IFP yephucwe imikhandlu eyiphethe.