IZOCELA ibheyili inkabi nelungu lomndeni okusolwa ukuthi beliyithengele ukuthi ibulale umfowabo oyinyanga ngoba likhala ngokuthi uyalithakatha. Umufi uMnuz Mbongeni Ngubane (48), waseZibayeni, eMawuzi, eHluhluwe ungenelwe yindoda yangakhuluma lutho yamqhulula ngenhlamvu wathulela khona lapho.
Kuthiwa uNgubane ubewugalagala lwenyanga eyaziwayo endaweni futhi ubebuye athwasise abantu bahlale naye ekhaya lakhe. Kuvele ukuthi bekukhona ithwasa abehlala nalo njengoba eficwe wukufa nje.
Kuthe uma iqeda ukumdubula le ndoda kanti amalungu omphakathi asizwile isibhamu. Kuthiwa kuhlangane ikomiti elilwa nobugebengu endaweni laphuma umkhankaso.
Kuthiwa kubonakale amadoda egijima eyongena ehlathini ephuma emzini wenyanga. Kuvela ukuthi amalungu omphakathi abize amaphoyisa kwafika nophiko lwezinja kwazungezwa ihlathi kwavalwa amanye amaphoyisa namadoda endawo angena ehlathini.
Kuthiwa amalungu omphakathi akhuze ababaza uma sekubanjwa abasolwa ababili kanti phakathi kwabo kukhona nomfowabo kamufi okuthiwa ubenyamelele isikhathi eside ekhaya. Kuthiwa kuthe uma empintshwa ngemibuzo wakhala ngokuthi ubesekhathele wumufi emthakatha wanquma ukumusa kwagoqanyawo.
Kuthiwa sengathi ilungu lomndeni lithenge inkabi ndawana thizeni leza nayo lizomkhombisa umfowabo okufanele abulawe kanti bazolahlwa elakubo babanjwa.
Kuthiwa bekuthalaza isomi inkabi isibanjiwe ingazi yona izothini, kwangabe kusachithwa sikhathi amaphoyisa ababopha bobabili iveni yakhala yemuka nabo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe kukhona abasolwa ababili ababoshwe amaphoyisa aseZibayeni maqondana necala lokubulala.
“ Kunomlisa odutshulwewabulawa eMawuzi kule nyanga, kuboshwe abasolwa ababili ngesikhathi kuqeda kwenzeka isigameko. Bavelile eNkantolo yeMantshi kwaHlabisa icala lahlehlela uJulayi 3 sebezocela ibheyili,’’ kusho uConstable Ngcobo.