I-ANC seyigxeke isenzo seMeya yoMkhandlu uMngeni, uMnuz Christopher Pappas emsola ngokuvimba Imbizo, eyaziwa nge-Operation Sukuma Sakhe, okumele ibe ngoJulayi 15 eMpophomeni Stadium.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo uchaze uPappas njengombandlululi ofuna ukushintsha uMasipala waseMngeni awenze indawo engukalubhadwa.
“Selokhu kuqale unyaka uNdunankulu uNomsa Dube-Ncube namalungu eKhabhinethi yakhe bahambela imiphakathi eyakhele isifundazwe, ngohlelo olubizwa ngeMbizo kaNdunankulu. Inhloso yalokhu wukusondeza abantu kuhulumeni nokuqinisa intuthuko ebheke kubantu,”kuchaza uMtolo.
Uthe kuMasipla wesifunda uThukela kwakukhona ngisho noMengameli Cyril Ramaphosa ehambisana nezimeya kanjalo namakhansela. Njengamanje isimemo esifanayo sidlulele emkhandlwini ophethwe nguPappas.
“Esikhundleni sokuthi abambisane nohulumeni njengazo zonke izimeya, yena ubhala inqwaba yezincwadi, ebuza inhloso yalo mcimbi nokuthi uzothumela undunankulu incwadi yenkantolo emvimba ukuthi angawenzi lo mcimbi,”kusho uMtolo.
Uthe uPappas usezivezile ukuthi usagcwele ubandlululo loyisemkhulu.
Imizamo yokuthola iMeya uPappas ayiphumelela, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, lugcine seluvaliwe.