LIFUNA ukuqinisekisa ukuthi abantwana balo bakasontosikole bakhuliswa ngendlela efanele ibandla, uBuhle Benkanyezi Catholic Church in Zion.
Lokhu kugcizelelwe kakhulu oyiNhloko yaleli bandla, uMbhishobhi Mandlenkosi Mchunu.
Ubekhuluma enkonzweni ankulu kaJulayi yaleli bandla. Inkonzo ibiseSikhaleni.
Uthe kumqoka ukuthi abantwana bebandla bakhuliswe kahle ngoba bayikusasa lebandla.
"Ngiyakholelwa kakhulu ekutheni ukuze ibandla lethu libe nekusasa eliqhakazile kumele ukuthi nakanjani likhulise kahle usontoskole walo,'' usho kanje.
Uthe uma bekhuliswa ngendlela efanele lokho kuyohamba ibanga elide kakhulu bakwazi nokuhlukanisa okubi nokuhle.
"Kumele kube yinto esiyibeka phambili ngaso sonke isikhathi indaba yokukhuliswa kahle kukasontosikole wethu. Lokhu kulula ukuba kwenzeke uma sonke njengebandla sizimisele ngokuthi sikwenze ngokubambisana,'' usho kanje.
Ukhulume nangokubaluleka kokuba abefundisi bahambe bayothekela ulwazi ezikoleni ezithuthukisa abefundisi.
Uthe ukholwa ukuthi esikhathini samanje kudingeka uhlobo lwabefundisi olukwaziyo ukuzithuthukisa uma kukhulunywa ngezemfundo.
Ugcizelele ukuthi ivangeli lezemfundo akumele liphelele kubefundisi kuphela, kodwa nasentsheni yebandla.
"Sifuna ukuthi intsha ybethu iaqhubeke nemfundo ize ifinyelele ezikhungweni zemfundo ephakeme. Lokho kuyokwenza ukuthi nabo bagcine benekusasa eliqhakazile,'' usho kanje.
Leli bandla linamagatsha ehlukene ezingxenyeni ezehlukene zeKwaZulu Natal. Sekuphele iminyaka engu- 19 laba khona njengoba lasungulwa ngo-2005.
Liphinde libe nezinhlelo ezehlukene elisuke lihlose ngazo ukuthuthukisa umphakathi elikuwona ngezindlela ezehlukene.