LIKHUTHAZA ukuhlonishwa kwabantu abakhubazekile ibandla iThrone of Grace Ministries eliholwa nguMbhishobhi Thabani Khumalo.
Leli bandla ngokubambisana noMkhandlu waseNdwedwe belikade linenkonzo enkulu yokukhumbuza umphakathi ngokubaluleka kokuba kuhlonishwe abantu abakhubazekile.
Inkonzweni ebiseNdwedwe beyinikezwe isihloko esithi: "UsenguNkulunkulu Wabakhubazekile.“
Ngalesi sihloko uMbhishobhi Khumalo uthe bebehlose ngaso ukuveza ukuthi uNkulunkulu uyabathanda nabantu abakhubazekile.
UMbhishobhi Khumalo uthe sibonakala sikapakela ezindaweni eziningi isihlava sokuhlukunyezwa kwabantu abakhubazekile.
Uthe bahlukunyezwa ngezindlela ezahlukene. Okuyikhona okubakhathazayo, uMbhishobhi Khumalo uthe wukuthi lesi sihlava sibonakala sesize sakapakela naphakathi ebandleni likaNkulunkulu uqobo.
Uthe yisimo esesiqala ukubakhathaza esibakhuthazile ukuthi bahlele lolu hlobo lwenkonzo yokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabantu abakhubazekile.
"Isizathu salokhu kuqwashisa kungenxa yokubona ukucwaswa kwabantu abakhubazekile. Lokhu kubonakala kuqhubeka nasemasontweni imbala,''kuchaza uKhumalo.
Eqhuba uKhumalo uthe kunabanye abantu abaze bahlobanise ukukhubazeka nesonto, noma nesiqalekiso esenzeka ngenxa yokona kwabazali.
"Yingakho-ke kumqoka kakhulu ukuthi nathi siyibandla likaNkulunkulu kumele noma kanjani sibonakale sisukuma ngenhloso yokunqanda lesi sihlava esingesihle,''usho kanjena.
UKhumalo ukhale nangokuthi izakhiwo zokukhonzela zenza kube lukhuni satshe ukuthi abakhubazekile bangafinyelela kalula kuzona bezokhonza.
Ukhulume nangezinselelo athe zibonakale zihaqe abefundisi abakhubazekile emazingeni ehlukene empilo.
I-Throne of Grace isungulwe ngo-2020. Inamagatsha angu-11 KwaZulu Natal, eGoli naseMpumalanga.