UMHOLI weDA, uMnuz John Steenhuisen, uthi i-UDM, i-ACDP, neqembu elisha iXiluva, elisungungwe nguMnuz Mpho Baloyi, yiwona maqembu abachizelile awangayingena eyesixaxa.
USteenhuisen ubekhuluma izolo ngenkathi ethula umbiko ngomkhankaso weqembu lakhe wokuthi kuhlanganwe, kwenziwe isixaxa sokuketula i-ANC.
USteenhuisen usanda kumemezela ukuthi isixaxa samaqembu yisona esingasiza ukuketula i-ANC okhethweni lwangonyaka ozayo. Uthe ngesikhathi emema amaqembu ukuthi bazoxoxisana nawo bachithwe nguMfundisi Kenneth Meshoe we-ACDP, nguGeneral Bantu Holomisa we-UDM, noBaloyi weXiluva.
“ Nakuba benqabile futhi sihlonipha ilungelo labo kodwa siyabanxenxa ukuthi bathambise izinhliziyo basondele, sixoxe. Ngiyababonga kakhulu laba abavumile ukuxoxa nathi sengizohlangana nabo ngamunye, ngamunye emasontweni ezayo,’’ kuchaza uSteenhuisen.
Eqhubeka nenkulumo umholi weDA uthe kubukeka sengathi i-ANC izohluleka wukunqoba ukhetho bese isebenzisana ne-EFF, ukuphatha izwe. Uthe lokhu kufanele kunqandwe ngayo yonke indlela yingakho efuna amaqembu ahlangane akhande isixaxa.
Uthe uma konke kuhambe kahle, bazobe sebehlangana bonke ezinyangeni ezimbalwa ezizayo baxoxe kahle ngesixaxa sabo bengamaqembu.