UPHIKO oluqoqa intela kuleli, i-Sars lufongqe isigqoko luyaxolisa kubantu bakuleli ngemiqhafazo esho ukubadlela indlala ibashusha ngokuthi bakhokhe intela, kungenjalo bazoshushiswa.
Abantu bakuleli bebekhala ubumaye ezinkundleni zokuxhumana bethi i-Sars ibasabisile.
I-Sars ithe inayo indlela yokuxhumana nabantu ibakhumbuze ngezindaba zentela kodwa lokho bakwenza ngendlela enenhlonipho.
“Umyalezo esiwuthumele kuleli maqondana nentela engakaqedwa, awubekekekanga ngendlela elandela izinga elifanele. I-Sars iyaxolisa kakhulu ngokuthi udaba aluphathekanga ngendlela,’’ isho kanje.
Bathe bayakuqonda ukuthi lo myalezo udale ukukhathazeka, wethusa abantu ekubeni kungeyona inhloso. Bathe bayaxolisa nokuthi umyalezo wethuse ngisho abantu abayithobelayo imithetho ye-Sars abakhokha kahle intela.
Bayabonga kakhulu kulabo abakhokha intela ngokwethembeka.