I-SOUTH African Local Government Association (Salga) KwaZulu- Natal, iphakamisa ukuthi uhulumeni azame imali yokubonelela omasipala ngoba bashayeka kakhulu ngokucishwa kukagesi.
USihlalo weSalga KwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, udalule isiphakamiso ngoLwesihlanu esithangamini sabezindaba eMusgrave, eThekwini.
UNtuli oyiMeya kaMasipala iKing Cetshwayo, uthe omasipala babhekene nengwadla ngoba kuphazamiseka imisebenzi yawo.
“Uma kucishwa ugesi kufanele omasipala basebenzise imishini yokuphehla ugesi kodwa imali yokuyithenga abakaze banikwe nekadizili ayibaliwe kwisabelo sabo. Ezindaweni zasemakhaya ugesi uhamba isikhathi eside kakhulu futhi imishini yokuphehla ugesi ayidalelwanga ukudonsa isikhathi eside,’’ kuchaza uNtuli.
Uthe uma kufanele kuphakelwe umphakathi amanzi kusebenza wona ugesi kodwa uma uhlala ungekho kuba nzima kakhulu.
“Kungaba kuhle kube khona imali yokutakula omasipala ezovela kuhulumeni omkhulu. Sizobiza imbizo nezikhulu zomasipala luxoxwe lolu daba, ngiyafisa izimeya, osomlomo nezimenenja zomasipala baphelele bonke emhlanganweni,’’ kuchaza uNtuli.
UNtuli uthe ngisho amabhizinisi amancane akhahlamezekayo kufanele kube nendlela alekelelwa ngayo ngoba athuthukisa umnotho wendawo.