IKHATHAZEKILE iSadtu kuzwelonke ngokuqonga kwezigameko zodlame ezikoleni zakuleli.
Lokhu ikudalule ngemva kwezigameko ezishaqisayo okubikwa ukuthi zenzeke ezikoleni ezahlukene kwaze kwaphuma nemiphefumulo.
Phakathi kwazo kubalwa iGeluksdal Secondary eBrakpan, eGoli, lapho umfundi obenza uGrade 10 egwazwe, wabulawa ngabanye abafundi.
Kwesinye isigameko esenzeke eKagiso Secondary, khona eGoli, kuthiwa kungene owesilisa ongaziwa wabamba ngesidlozane othisha. Kuthiwa ugcine egwaza omunye wothisha, kwathi kusenjalo, omunye wothisha wadubula, wabulala umlisa obehlasele.
Kuthiwa umfundi wase-Tlotlisong Secondary eFicksburg, eFree State, obenza uGrade 9, uzidlise ushevu washona ngemva kokuthi othisha bebukise ngaye phambi kwezingane. Ngemva kwesigameko, abafundi abebedinwe begane unwabu, bahlasele othisha, bacekela phansi isikole, izimo zamaphoyisa nezothisha, bebasola ngokuthi yibo ababe yimbangela yokuthi kushone umfundi.
Esikoleni esiKwaZulu-Natal, eSonyongwane High, umfundi (17) obenza uGrade 11 uzihengile ngenxa yokuhlukunyezwa ngabanye abafundi okuthiwa bebemgcona bethi mubi, behleka ukuma kwekhanda lakhe.
UNobhala Jikelele weSadtu kuzwelonke, uMnuz Mugwena Maluleka, uthe izigameko zidweba isithombe esicacile sokuthi izikole aziseyona indawo ephephile.
“Seziphenduke izindawo eziyingozi ezimpilweni zothisha nabafundi,” kusho uMaluleka.
Uthe esikhathini esiningi kuvame ukuba nzima ukuthi othisha babhekane nezigameko zokuhlukumezeka ngoba zivamise ukwenzeka ekusithekeni. UMaluleka uqhube wathi othisha kufanele bavuleleke kubafundi ukuze uma kwenzeka umfundi ebhekana nesimo esithile sokuhlukunyezwa ngomunye umfundi, kube lula ukuthi abike kothisha.
Kwezokuphepha ezikoleni, uthe udaba oluseyinkinga elokungabibikho kwengqalasizinda yezokuphepha eyanele ezikoleni ukuqinisekisa ukuthi abafundi, othisha abangeni nezikhali ngaphakathi ezikoleni.
“Sithi makulethwe onogada abaqeqeshwe ngendlela efanele ukuzobhekelela ezokuphepha ezikoleni,” kunxusa uMaluleke.