I-NPA e-Eastern Cape iphenya umnyombo wencwadi ethe kayilona iqiniso ukuthi inhloko yalolu phiko ngeke isawashushisa amacala athinta izidakamizwa ngoba maningi kakhulu.
Le ncwadi, ebikade inesihloko esithi “Guidance To SAPS” izungeze ezinkundleni zokuxhumana, iveza ukuthi umyalelo ukhishwe uMnuz Barry Madolo.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) e-Eastern Cape, uMnuz Luxolo Tyali, uthe kungamampunge okubhalwe kule ncwadi.
“UMadolo akawukhiphanga umyalelo okubhalwe ukuthi uwushilo. Nenhloko yabashushisi eMthatha, okusetshenziswe igama layo kubhalwa le ncwadi ayikwazi okushiwoyo ngayo,” kuchaza uTyali.
Ube esenxusa umphakathi ukuthi wehlise amaphaphu okungenzeka ukuthi abesephakanyiswe yile ncwadi.
Ukhiphe isixwayiso esishubile wathi uzolutheza olunenkune lowo okuyotholakala ukuthi uyena ogile le migilingwane efaka ingebhe abantu.
UTyali uthe i-NPA isebenza ngokubambisana namaphoyisa e-Eastern Cape.