I-NFP izoxosha wonke amakhansela ayo avota ne-IFP komasipala baKwaZulu-Natal okungekho iqembu elathola izihlalo ezanele ukuthi libuse ngokuzimela.
Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni weNFP obuseThekwini, ngoMsombuluko.
Lokhu kuvezwe unobhala jikelele wobuholi be-NFP obahlakazwa isinqumo senkantolo, uMnuz Canaan Mdletshe.
I-NFP ivota ne-ANC ne-EFF komasipala baKwaZulu-Natal, kepha kunamakhansela ayo avota ne-IFP.
Kulama khansela kukhona akumasipala wesifunda iZululand, eMkhanyakude naseMadlangeni.
Lesi simo sesiholele ekutheni abahlangene ne-NFP bahluleke ukukhipha ubuholi be-IFP komasipala obunezihlalo eziningi kubo.
UMdletshe uthe umhlangano wangoMsombuluko unqume ukuthi kufanele axoshwe amakhansela.
“Sithathe isinqumo sokuthi athathelwe izinyathelo wonke amakhansela ashaya indiva umyalelo wenhlangano. Ukushaya indiva umyalelo wenhlangano kuyicala elibomvu. Lesi senzo siphambene nomthethosisekelo wenhlangano.
“Ukungaziphathi kahle kanye nokungahlonishwa komthetho ngeke sikubekezelele. Sizobhekana nabaphula imithetho. Umyalezo ucacile, amakhansela ethu kufanele athobele umthetho noma ashiye enhlanganweni.”
UMdletshe uthe bazophinde bathathele izinyathelo abaholi beqembu abasebenzisana ne-IFP KwaZulu-Natal.
UMdletshe uthe bathole ubufakazi bokuthi kunabaholi beqembu abagqugquzela amakhansela abo ukuthi avote ne-IFP komasipala basesifundazweni.
“Amakhansela athembekile enze izincwadi ezifungelwe ngalokhu, yingakho sinqume ukuthi kufanele baxoshwe abathintekayo. Ngenhlanhla enkulu sinobufakazi obanele okubalwa kubo nezingxoxo zomakhalekhukhwini eziqoshiwe. Ngeke sivume ukuthi abantu bazenzele umathanda. Abathintekayo sizobazisa maduze ngokuxoshwa kwabo.”
Yize iNFP ibhekene nenkinga yemali nombango wobuholi, uMdletshe uthe bazokwazi ukungenela ukhetho lukazwelonke oluzoba ngonyaka ozayo.
I-NFP icwile ezikweletini, kanti enye yezinhlangano ezikweletwa yile nhlangano isanda kucela ukuthi iNFP ivalwe ukuze ikwazi ukukhokhelwa isikweletu sayo.
UMdletshe uthe bayaxoxisana nezinkampani abazikweletayo ngenhloso yokuthola isisombululo.
“Isinqumo esithathwe emhlanganweni sicacile, kufanele sikhokhe zonke izikweletu zethu njengoba sijwayele ukwenza. Sizoqala ukukhokha ekuqaleni kwenyanga ezayo.
“Asikushayi mkhuba okuhlezi kushiwo abafuna kube sengathi sekuphelile ngeNFP. Iqinisio ukuthi sizolungenela ukhetho. Kusobala ukuthi inhlangano inesisekelo esiqinile. Indlela iqembu elisebenza kahle ngayo ikhombisa ukuthi iNFP ayikezukuphela.”