INYUNYANA yabasebenzi bakahulumeni i- National Education, Health and Allied Worker’s Union, ifuna uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo nenhlangano yakhe bakhokhe inhlawulo ka-R2 million ngekubize ngokudicilela phansi isithunzi samalungu ayo angabasebenzi ezikhungweni zikahulumeni, ngesikhathi ethula inkulumo emcimbni owawuseKokstad ngenyanga eyedlule.
Emaphepheni afakwe yiNehawu eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, ifuna uMtolo ne-ANC bakhokhe inhlawulo ka- R500 000 icala ngalinye, kwamane amangalelwe ngawo.
Emva kokhetho, ngesikhathi kusanda kuphothulwa isivumelwano sikahulumeni wokubambisana, uMtolo ekhuluma nezithameli ezevile ku- 1 000 emcimbini owawuseKostad ngoJulayi 21, kuthiwa wakhuluma ngendlela elumelayo egudla amalungu enyunyana. Lokhu wakwenza emva kwemibiko yokuthi kukhona kuwo ayephumele obala eveza ukungahambisani nohulumeni wokubambisana.
Inkulumo yakhe eshicilelwe kulawa maphepha okuvela ukuthi wayethula kulo mcimbi, okukholakala ukuthi iyona emdonsele amanzi ngomsele ibhalwe kanje;
“ Abanye abebehlangene lana bathe abahambisani nohulumeni wokubumbano. Niyayazi inyunyana ebizwa nge-Nehawu? Abantu abangamalungu e-Nehawu yibona abasebenza emahhovisi oMnyango wezaseKhaya. Uma niya kulawa mahhovisi niyofuna isitifiketi sokushona komuntu ningasizakali, yi-Nehawu leyo. Uma niya e-Sassa, niyofuna usizo oluthile, nizitshwa, kuyobe yi-Nehawu…,”
Le nyunyana ithe inkulumo kaMtolo edicilela phansi isithunzi samalungu ayo, yenziwa ngamabomu futhi ngenhloso.
“Iveza ukuthi inyunyana namalungu ayo, yiyona eyimbangela yokungasebenzi emahhovisi oMnyango wezaseKhaya, e-Sassa nokugqoza kokusebenza kwama- ambulensi. Kusho ukuthi le nyunyana namalungu ayo ikhohlakele, ithatha imvalamlomo kubalimi abamhlophe ukucindezela abasebenzi basemapulazini. Ngenxa yale nkulumo, isithunzi senyunyana silimele,” kubhalwe emaphepheni.
Kuthiwa ngosuku olulandelayo, uMtolo ekhuluma ohlelweni lwezindaba lwantambama kuKhozi FM, kuthiwa wakugcizelela lokhu. Le nyunyana iphinde ifune inkantolo ukuthi iphoqe uMtolo nenhlangano i-ANC ekutheni ngaphezu kwale nhlawulo, baphinde babhale isixoliso sinanyekwe ezinkundleni zokuxhumana nasemaphephandabeni.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mafika Mndebele,, uthe amaphepha amangalela unobhala wale nhlangano ne-ANC, bawabone ezinkundleni zokuxhumana.
“Siyakholelwa ekutheni wonke umuntu unelungelo lokuya enkantolo uma kukhona lapho adinga khona isixazululo. Asizongena kakhulu emniningwaneni yalolu daba, sizodedela inkantolo yenze umsebenzi wayo.”