UMENGAMELI we-International Court of Justice (ICJ), iJaji Joan Donoghue, unqumele i-Israel ugwayi katiki ngokuthi kufanele ilethe umbiko ngezinyathelo ezozithatha ukuhoxisa impi.
Bekuchwaza nasezinkundleni zokuxhumana abantu bakuleli bejabulela isinqumo senkantolo, bethi uhulumeni wenze umsebenzi omuhle wasukumela lolu daba.
IJaji likhiphe lowo myalelo ngesikhathi lidedela isinqumo senkantolo esivune iNingizimu Afrika ebimangalele i-Israel. Elakuleli belimangalele i-Israel lithi ibhubhise abantu, yaxhaphaza amalungelo abo.
Elakuleli belihlanganise inqanawe yethimba labameli abahlonishwayo abafike bethula udaba kwaba nenhlokomo kunconywa ubuchule balo. Ijaji lithe udaba beluhlalelwe amajaji angu17, aluxoxa kabanzi ase ephuma nesinqumo.
Ijaji lithe kufanele i-Israel iqinisekise ukuthi ithatha izinyathelo zokuqeda ukubulawa kwabantu ePalestine. Kuphume nomyalelo wokuthi umbutho wezempi uyeke ukuhlasela. Kuqinisekiswe ukuthi izidingo zabantu ziyatholakala.
I-Israel iyalelwe ukuthi ibhale umbiko ichaze kabanzi ngohlelo ezolulandela ukuthobela izinqumo zenkantolo kungapheli izinsuku ezingu-30 ingakwenzanga lokho.
Emuva kokuphuma kwesinqumo, i-ANC ibhale ekhasini layo kuFacebook ukuthi iyasemukela isinqumo senkantolo futhi iyahalalisa.
Iqembu eliphikisayo i-DA lithe nalo liyasemukela isinqumo senkantolo layincoma ngokusheshisa udaba. I-DA inxuse i-Israel ukuthi ithobele umyalelo wenkantolo ukuze kume ukubulawa kwabantu.
I-DA ithe kufanele izikhulu zase-Israel zingene ezingxoxweni zokuthula.