UBUHOLI be-IFP KwaZulu-Natal buthi isikhuni sesibuya ngomkhwezeli kwi-EFF emva kokuthi abaholi abaqavile namakhansela e-EFF eZululand belaxaze le nhlangano bajoyina i-IFP.
USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe ukushiya kwabaholi be-EFF kuwumphumela wesinqumo se-EFF sokuhoxa ekusebenzisaneni ne-IFP komasipala baKwaZulu-Natal.
Phakathi kwabebe kwi-EFF abemukelwe izolo, kukhona obengunobhala wayo esifundeni iZululand, uMnuz Bongimpilo Nhlengethwa, obephinde abe yilungu lesigungu esiphezulu kuMasipala wasebaQulusini, noNksz Zanele Nzuza, obeyikhansela kuMasipala wasebaQulusini.
I-EFF isivota ne-ANC komasipala okungekho iqembu elathola izihlalo ezanele ukuthi libuse ngokuzimela kanti njengamanje iphezu kombhidlango wokukhipha ubuholi be-IFP kule mikhandlu.
Bavele sebekwazile ukuketula ubuholi be-IFP kuMasipala waKwaMaphumulo kanti namhlanje kunomhlangano wokukhipha ubuholi be-IFP kuMasipala i-Alfred Duma.
Ngesikhathi uNtuli ekhuluma nabezindaba izolo eThekwini lapho ebamukela khona abebengamalungu e-EFF, uthe isinqumo se-EFF sacika abantu abaningi KwaZulu-Natal.
Uthe baningi abanye abaholi be-EFF eZululand abazolaxaza le nhlangano bajoyine i-IFP.
“Sikujabulele kakhulu ukujoyinwa yilawa malungu ikakhulukazi emva kwale mikhuba ekade igilwa yi-EFF. Yageja i-EFF ngesikhathi idayisa ngamavoti abantu baKwaZuluNatal, yayowanika i-ANC. Abantu baKwaZulu-Natal bayazi ukuthi i-EFF isishade ne-ANC.”
UNtuli uthe ezinyangeni ezimbili ezizayo bazophinde bemukele amanye amalungu e-EFF nawe-ANC.
“Emasontweni edlule besilokhu sithola izingcingo ebantwini abafuna ukujoyina i-IFP. Laba akusibo nje abantu abajwayelekile kepha ngamakhansela nabaholi bamaqembu ehlukene okukhona kubo abaqhamuka kwi-EFF ne-ANC.
“Kuyasijabulisa ukukhula kweqembu ngoba lokhu kusinikeza amathuba angcono okunqoba ukhetho oluzokuba ngonyaka ozayo.”
I-EFF KwaZulu-Natal isole uNhlengethwa ngokupheka itulo lokunxenxa amakhansela nabaholi benhlangano ukuthi bajoyine i-IFP.
Esitatimendeni, uSihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Thwala, uthe bathole ukuthi uNhlengethwa ubesebenzisana nabaholi be-IFP kuleli tulo, nokuyizinsolo uNhlengethwa aziphikile.
UThwala uthe banqume ukumxosha uNhlengethwa emva kokuthola ngalezi zinsolo.UNhlengethwa uthe akazange axoshwe kodwa wesulile.