UBUHOLI beNkatha Freedom Party KwaZulu-Natal, buzohambela eBuhlebezwe, esiQandulweni, eMkhomazi, ku-ward 5, namhlanje ekuseni ngenhloso yokubheka ibhuloho eliyingozi elisetshenziwa yizingane zesikole ukuwela kulo uma ziya esikoleni.
Okhulumela i-IFP esifundazweni, uNkk Nonhlanhla Jele, uthe bazohambela kule ndawo ukubheka ukuthi bangenzani ukuqinisekisa ukuphepha kwezingane.
“Lokhu sikwenza ngenxa yobuningi bezikhalo zamalungu omphakathi akhala ngokuphepha kwezingane zawo nabantu abasebenzisa leli bhuloho ukuya esikoleni, emitholampilo nasezindaweni ezahlukene,” kuchaza uNkk Jele.
Ilungu lePhalamende le-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, usole iqembu elibusayo i-ANC ngokunganaki umphakathi wasezindaweni ezintulayo odinga ingqalasizinda yezinto ezibalulekile ezindaweni owakhele kuzona.
“UMasipala uBuhlebezwe ku-ward 5, ngezinye zezindawo esezilitshelwe yi-ANC, ekubeni sekukaningi izakhamuzi zikhononda ngokugqoza kohlelo lokulungisa ingqalasizinda ebalulekile emphakathini.
“Umphakathi wakule ndawo ukhala ngokuthi sekuyisikhathi eside kakhulu ukhala ngaleli bhuloho elakhiwa wuMnyango wezokuThutha ngo-2007, usaphethwe wuMnuz Bheki Cele,” kuchaza uKhawula.
Eqhuba, uthe kuyadumaza ukuthi izingane ezincane ziphoqeleka ukuwela kuleli bhuloho eselingasaphephile nhlobo ukuze zikwazi ukufinyelela esikoleni iZulwini Combined.
“Ngisho namalungu omphakathi aphoqeleka ukuwela kuleli bhuloho eliqhekezekile, ukuze zikwazi ukuyogibela izithuthi zomphakathi ezitholakala ngaphesheya kwalo.
“Uma kunje, umphakathi awuphephile ikakhulu izingane ezihamba la nsuku zonke,” kukhononda uKhawula.
Ephetha, uthe yingakho beyi-IFP benxusa uMnyango wezokuThutha ukuthi usebenze ngokubambisana ukuthola isixazululo esizokwenza izingane zikwazi ukuphepha uma ziya esikoleni.
“Sicebisa nangokuthi uma sekunikezelwa ngesibonelelo sabakhinyabezwe yizikhukhula, uNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni, uMnuz Sipho Hlomuka, angayikhohlwa inkinga yaleli bhuloho,” kuphetha uKhawula.