USIHLALO we-IFP KwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthi kusekuncane lokhu abakwenzile betheza amalungu amanye amaqembu kodwa basazimisele ngokuwola inqwaba. UNtuli usho lokhu esithangamini sabezindaba eThekwini lapho bethule khona inqwaba yabantu abajoyine besuka emaqenjini ehlukene.
Phakathi kwabebemukelwa yi-IFP, wuMnuz Thokozani Langa obekwi-EFF oke wayimela ePhalamende, wuMnuz Fanifani Shezi obesuka kwi-ABC, wuMnuz Sbongiseni Mzila osuka kwi-ANC. Kukhona noMnuz Mbhekeni Magwaza osuka kwi-Apemo noMnuz Zamani Mthethwa obengenele ukhetho ngokuzimela exebuka kwi-ANC eMlaza. Bekukhona nenye inqwaba yabantu abavela kwamanye amaqembu.
UNtuli uthe laba bantu bebengabaholi emaqenjini abo okuzokwenza kube lula ukuthi baxebuke nenqwaba beze nayo kwi-IFP.
“Siyethemba ukuthi sizoba ndawonye maduze nje sesemukela abanye abavela emaqenjini ahlukene. Kuyacaca ukuthi abantu babona i-IFP njengekhaya labo. Yingakho sisazoqhubeka sibemukele,’’ kusho uNtuli.
Uthe ukukhula kwabo kufakazelwa nayindlela abanqoba ngayo uma kunokhetho lokuchibiyela. UNtuli usho kanjena nje bebesanda kuhlwitha iwadi ye-ANC eMsunduzi, eMgungundlovu okubeka uKhongolose engcupheni yokulahlekelwa wumkhandlu.