ASEZWAKALISE ukungenami kwawo amalungu e-IFP eHarry Gwala ngokuhlongozwa kokushintshwa kwegama likaMasipala waseMzimkhulu uqanjwe ngoSindiso Jethro Magaqa.
UMagaqa owaduma esengumholi we-ANC Youth League wasocongwa ngo-2017 ephuma emhlanganweni wamakhansela eMzimkhulu.
Amalungu e-IFP angeneme akhala ngokuthi imali elinganiselwa ku-R2 million okuthiwa isibekelwe ukushintshwa kwegama ibingenza umehluko omkhulu ekuhanjisweni kwezidingo kubantu baseMzimkhulu.
Okhulumela i-IFP eHarry Gwala, uMnuz Mlindeli Ngcamu, uthe kuyabamangaza ukuthi i-ANC ibona kuhamba phambili ukushintshwa kwegama esikhundleni sokuphuthunyiswa kwezidingo kubantu.
“Sekuneminyaka kukhona amaphrojekthi amanzi aqalwa kodwa kuze kube yinamhlanje amanzi awakaze aphume kompompi. Ngikhuluma nje abantu baseMzimkhulu amanzi basawaphuza nezinkomo emfuleni,’’ kusho uNgcamu.
Eqhuba uveze ukuthi umphakathi waseMzimkhulu ubhekene nengwadla yokungabi nazo izndlu ezisesimeni esifanele.
Uthe kunemindeni othola ukuthi ibuthelana ibe yinqwaba endlini enegumbi elilodwa.
“Abanawo amandla okuzakhela izindlu ezifanele ukuthi bangahlala kuzona. Kule mindeni uthola ukuthi akekho umuntu osebenzayo noma othola imali yesibonelelo sikahulumeni,’’ usho kanje.
Ukhale nangengqalasizinda yasedolobheni wathi ayikho ezingeni elifanele.
“EMzimkhulu uthi ungena nje edolobheni, ukhangwe yindle egcwele kuyona yonke indawo futhi liyanuka. Kuleso simo kodwa bona babona kungcono ukuthi babeke phambili indaba yokushintshwa kwegama,’’ kusho yena.
“Le mali ibingasetshenziselwa ukwenza ngcono impilo yabantu baseMzimkhulu. Ibingenza umehluko uma futhi isetshenziselwa ukuthuthukiswa kwengqalasizinda ibingadala namathuba omsebenzi,” kusho uNgcamu.
USomlomo kaMasipala waseMzimkhulu, uMnuz Gugu Mavuma, uthe besingakabibikho isikhalazo esesifinyelele kubona.
Uthe okwamanje uhlelo lokuqanjwa kabusha kukamasipala lusasezingeni eliphansi lapho besavulele khona amalungu omphakathi ukuthi azwakalise umbono wawo.
"Lolu hlelo luzovalwa ngoMeyi 26 yilapho esizocubungula khona kahle imibono yabantu sibone ukuthi iningi lithini ebese sithatha isinqumo. Labo abaveza ukuthi abahambisani nalokhu banalo ilungelo lokwenza njalo kodwa siyabanxusa ukuthi basebenzise uhlelo olufanele ukuzwakalisa izikhalazo zabo,'' usho kanje.
Uveze ukuthi imali ehlelelwe ukushintshwa kwegama ayiqhamuki kuleyo ebekelwe ukuhambisa izidingo zomphakathi.