UNOBHALA-JIKELELE we-IFP, uMnuz Siphosethu Ngcobo, uthi ihlanekezelwe incwadi yakhe ayibhalele izinhlaka zeqembu ngodaba lobuso babaholi ezikibheni. UNgcobo uphawule emuva kokusabalala kwencwadi eyalela abaholi bezinhlaka ukuthi bahlonze bonke abantu abafaka izikibha ezinobuso bukaMengameli uMnuz Velenkosini Hlabisa.
UHlabisa wakhethelwa kwesikamengameli we-IFP ngo-elethu ngo-2019, ethatha izintambo kuShenge engqungqutheleni eyayisoLundi. Selokhu akhethwa akukaze bushintshwe ubuso ezikibheni zeqembu. Ubuso bukaShenge bulokhu busezikibheni zeqembu kusukela lasungulwa nguyena ngo-1975.
Phambilini lwaqubuka udaba lobuso babaholi ezikibheni ze-IFP, ngesikhathi kulungiselelwa ukhetho lohulumeni basekhaya luka-2021. Kukhona abebuza ukuthi kungani uHlabisa engafakiwe ezikibheni?
Incwadi kaNgcobo idweba isithombe sokuthi izikibha ezisebenzayo yilezo ezinobuso bomsunguli weqembu inkosi Mangosuthu Buthelezi, futhi yizona okuzokhankaswa ngazo. Incwadi ikubeka kucace ukuthi kuwukuphambana nezinqumo zeqembu ukugqoka isikibha esinobuso bukaHlabisa.
Incwadi ithi abazingelwe bonke abafaka izikibha ezinobuso bukaHlabisa noma ngabe babonakale ezinkundleni zokuxhumana. Iqhuba ithi abaholi bezinhlaka kufanele bathumele uhlu lwamagama alabo ababonakale befake izikibha ezinoHlabisa. Kubekwe umnqamulajuqu woLwesihlanu olwedlule, wokulethwa kwamagama kunobhala.
UNgcobo uthe incwadi ihlanekezelwe, akunjengoba abantu beyihumusha.
“Njengamaqembu wonke i-IFP ilungiselela ukhetho luka-2024 futhi sesike saxoxa ngodaba lokuziphatha maqondana nemibala yeqembu. Akekho ongaphika ukuthi uMntwana uMangosuthu Buthelezi, unohlonze eqenjini nokuyinto edalwa yimisebenzi yakhe nobuqotho bakhe. Lokhu kuyabonakala ngendlela esinqoba ngayo ukhetho uma kuchitshiyelwa,’’ kuchaza uNgcobo.
Uqhube wathi isigungu esiphezulu seqembu sinqume ukuthi kuqhutshekwe kusetshenziswe ubuso bukaShenge, njengoba kwenzeka ngo-2019, nango-2021. Uthe incwadi yakhe ebheke ezinhlakeni ibizama ukukhumbuza nokugcizelela lokho. UNgcobo ukhale ngokuthi kuyinhlamba ukuthi kube sengathi yisinqumo esithathwe nguShenge lesi, ekubeni engabanga yingxenye yezingxoxo.
Ukhale nangabanye bamanye amaqembu abasebenzise leli thuba ukungena ngenxeba eqenjini labo wathi bashaye phansi ngeke kulunge.