INIKWE ikhefu iMeya kaMasipala waseMsinga uMnuz Mlethi Ndlovu, oboshelwe icala elithinta isibhamu kanye nabaqaphi bakhe. UNdlovu nabanye aboshwe nabo, badedelwe ngebheyili eNkantolo yeMantshi eMsinga ngoMsombululo. UNdlovu unikwe ibheyili ka R10 000 kwathi abaqaphi bakhe badedelwa ngo-R1000 umuntu emunye. Udaba lwabo luzobuyela enkantolo ngoNovemba 21. UNdlovu nabaqaphi baboshwe ngoLwesihlanu ebusuku. Imeya isolwa ngokuthatha izibhamu izinike abaqaphi bayo ngokungafanele.
Ithweswe icala lokwehluleka wukubeka izibhamu ngendlela efanele kanti abaqaphi baboshelwe ukuphatha izibhamu ezingekho emthethweni.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa uthumele isitatimende ethi iqembu lithathe isinqumo sokunika iMeya uNdlovu ikhefu lesikhashana. Abanye abamisiwe amakhansela oMnuz Mhawukeleni Sokhela noMnuz Thokozani Sokhela naye oboshwe noNdlovu. UHlengwa uthe isinqumo sithathwe ngoMsombuluko emhlanganweni wesigungu esiphezulu.
“Iphini leMeya, ikhansela Thenjiwe Busisiwe Mbatha, lizobamba isikhala semeya. Ikomiti elibhekele abajutshwe ezikhundleni lizokwelusa udaba luthole umbiko emhlanganweni olandelayo,’’ kusho uHlengwa. Uthe kuzokwenziwa imizamo yokuthi ama-ward aphethwe amakhansela aboshiwe, aqhubeke nokuthola izidingo zomphakathi ngesikhathi kusamiswe amakhansela awo.
UNdlovu uboshelwa isibhamu nje, ubesanda kuba sematheni ekhonjwa emngcwabeni esolwa ngokubulala ikhansela laku-ward 11 uMnuz Siyanda Magubane owahlaselwa ngoyaba lwezinhlamvu ehamba ngemoto yakhe. Owayekhomba uNdlovu emngcwabeni, wayehamba nekhansela elabulawa.
I-IFP yenza uphenyo lwayo kodwa yakhetha ukuthi uNdlovu aqhubeke nomsebenzi wakhe ngoba ithi akukho okumyamanisa nokubulala ikhansela. Isitatimende se-IFP sigcizelele ukuthi uNdlovu nabanye abasolwa akukho okubahlanganisa necala lokufa kwekhansela.