KUKHONYE i-IFP okhethweni lokuchibiyela obeluKwaZulu-Natal ngoLwesithathu.
I-IFP ikwazile ukuhlwitha iwadi ebiphethwe yi-ANC kuMasipala waseMthonjaneni, yaphinde yakwazi ukuwina iwadi ebiyiphethe kuMasipala waseNkandla.
Iwadi 6 kuMasipala waseMthonjaneni ibiphethwe yi-ANC ngaphambi kokwesula kwekhansela layo, uMnuz Sabelo Mnguni.
Okhethweni lokuchibiyela obelukule wadi ngoLwesithathu, i-IFP ithole amavoti angu-1 377, kwathi i-ANC yona yathola angu-727.
Ewadi 2 kuMasipala waseNkandla i-IFP ithole amavoti angu-1 363, kwathi i-ANC yathola amavoti angu-383.
Usihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe lemiphumela isho ukuthi abantu basayithemba i-IFP.
UNtuli uthe bakwazile ukunqoba kula mawadi naphezu kokuthi ongqongqoshe beminyango kahulumeni wesifundazwe benze inqwaba yemicimbi khona ngaphambi kokhetho. Uthe inhloso yemicimbi bekungukhankasela i-ANC.
“Ukunqoba kwethu ngamalengiso kuyisifundo kongqongqoshe. Kufanele bazi ukuthi abantu sebewubonile lo mqondo wabo wokukhankasela i-ANC ngezinsiza zikahulumeni, uma kunokhetho lokuchibiyela, bese beyanyamalala emva kokhetho.”
UNtuli unxuse amakhansela amasha ukuba asebenze ngokuzinikela.
“Siyi-IFP sizimisele ngokuhambisa izidingo kubantu.”
UNobhala we-ANC esifundeni iMusa Dladla, uMnuz Nathi ‘Madanga’ Xulu, uthe bebekulindele ukuthi bathwale kanzima okhethweni lokuchibiyela obeluseMthonjaneni.
“Uzokhumbula ukuthi lena yiwadi ebesikade siyiphethe. Ngesikhathi kusula ikhansela lethu kwaba nezinsolo zokuthi ligwazeliwe. Lona bekungumuntu obaziwa ebuholini be-ANC futhi ubephinda abe wusihlalo we-ANC egatsheni. Kulindelekile ukuthi kube khona abantu abazokhombisa ukumeseka.
“La mavoti angu-700 esiwatholile makhulu kabi. Abantu bakhombise ukuthi basayethemba i-ANC. Sithanda ukubonga abantu abaphume ngobuningi babo bayovotela i-ANC ngaphansi kwezimo ezinzima.”
UXulu uthe bebengabhekile okutheni okhethweni lokuchibiyela obeluseNkandla.
“Lena bekuvele kade kuyiwadi yayo i-IFP. Lapha besiyolungisela ukhetho lukazwelonke lwangonyaka ozayo. Leya ndawo iyisizinda se-IFP.
Thina kasinabo ngisho ubuholi begatsha kuleya ndawo. Umuntu obesimele okhethweni ubekhethwe wumphakathi. Besingenazo ngisho izinsiza zokukhankasa. Kuyasijabulisa ukuthi kube khona abantu abasivotelayo kule ndawo.
Kuzwelonke i-ANC ikwazile ukugcina amawadi ayo amane kuMasipala waseMangaung, eFree State.
Izikhala kula mawadi zivuleke emva kokuthi i-ANC ixoshe amakhansela ayo avota namaqembu aphikisayo ukuqumba phansi ubuholi bayo emkhandlwini.
I-ANC iphinde yakwazi ukugcina iwadi yayo kuMasipala waseSenqu, e-Eastern Cape nekuMasipala waseRusternburg, eNorth West.
Esifundazweni iWestern Cape izinto kazizange zilihambele kahle iqembu likaNkk Patricia de Lille, iGOOD, njengoba lilahlekelwe ngamawadi amathutha.
Amabili ala mawadi athathwe yiDA, kwathi iwadi eyodwa yathathwa yiPA.