I-IFP KwaZulu-Natal isihlabe ikhwelo lokuthi kuqiniswe umthetho olawula ukuphathwa kwezibhamu, kulandela ukudlanga kwezigameko zokubulawa kwabantu kusetshenziswa lolu hlobo lwesikhali.
Esigamekweni sakamuva esishiye umphakathi ukhexile, kubulawe amalungu amane omndeni owodwa wakwaNgidi, eMfume, angenelwe elele ngezintathakusa zangoMsombuluko.
Kulesi sigameko kuthiwa kungene abasolwa abebebalelwe kwabahlanu, basoconga inhloko yomuzi uMnuz Bhekizizwe Ngidi (64), inkosikazi yayo uNomathemba Ngidi (60), indodana yabo uMnuz Thabani Ngidi (33) nomzukulu uSiphesihle Maphumulo (19).
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba yileli qembu, lithi izigameko ezifuze lezi kumele zivule amehlo abaholi, njengoba ukwanda kwezigameko zokuqothwa kwabantu ngezibhamu kuhlalisa lubhojozi umphakathi.
UMnuz Blessed Gwala oyilungu le-IFP esiShayamthetho, uthe nakuba kungeke kuqagelwe ngokuholele kulesi sigameko, kodwa iziphathimandla kumele zingenelele ukubheka imbangela yokusabalala kwezibhamu ezingekho emthethweni.
Uthe ngo-Ephreli kulo nyaka, ngesikhathi kunenkulumo-mpikiswano esiShayamthetho sesifundazwe, kwavela ukuthi ngenxa yezinga eliphezulu labantu abangasebenzi, ngeke kuphikwe ukuthi kunabakhokhelwa ukuthi babulale njengoba besuke befuna imali yokondla imindeni yabo.
“Ukubulawa kwabantu abaningi bendawonye kuyabhebhetheka, futhi kudinga ukuthathelwa izinyathelo ngokushesha. Lokhu kusho ukuthi kumele kuqiniswe kakhulu umthetho olawula ukuphathwa kwezibhamu, kuphinde kuliwe nokwanda kwezigameko zodlame kuleli,” usho kanje.
Uthe iziphathimandla akumele zikushaye indiva ukukhula kwalesi sihlava, kumele lesi sifundazwe kube esingavumeli izigebengu ezingenanembeza, wanxusa amaphoyisa ukuthi asebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukubanjwa kwababulali.
Ngesikhathi kumenyezelwa izigameko zobugebengu zekota yesibili u-2023/2024, lesi sifundazwe sibengesesibili kuzwelonke ukuba nesibalo esiphezulu sezigameko zokubulawa kwabantu bendawonye.