INGASE idliwe yizembe iMeya kaMasipala eMsinga, ehlaselwe yizinkinga uMnuz Mletheni Ndlovu, njengoba ibhekene necala lesibhamu namanye amakhansela nabaqaphi bayo.
Umthombo othembekile ongaphakathi eqenjini uhlebele Isolezwe ngeSonto ukuthi isinqumo sokuxosha uNdlovu sesithathiwe futhi kuzoqedwa ngaye kusasa.
“Ziyakhala ngoMsombuluko emeyeni yaseMsinga. Iyahoxiswa esikhundleni,’’ kusho umthombo olwazi ukusuka nokuhlala udaba.
UNdlovu ungaphandle ngebheyili kaR 10 000 emuva kokuvela eNkantolo yeMantshi eMsinga, ebhekene necala lokutholakala nesibhamu. Uboshwa nje, wayesanda kungena ehlazweni ekhonjwa emngcwabeni wekhansela, uMnuz Siyanda Magubane, esolwa ngokulibulala.
Iphephandaba libuze komunye umthombo walo ozaziyo eze-IFP okhulume into efanayo nawo.
“Hawu aniyazi kanjani le ndaba ngoba yinto ekhulunywayo lapha eMsinga, kukhona nababone incwadi yokuxosha imeya. Sengathi bazomxosha naseqenjini ngoba indaba yakhe inzima kakhulu,’’ kusho umthombo.
Umthombo uthe i-IFP iba nemihlangano yesigungu esiphezulu njalo ngoMsombuluko, nokuyilapho okusuke kushube khona isimo kudingidwa ezeqembu kuthathwa nezinqumo ezinzima.
Ebuzwa uNdlovu ngokuxoshwa kwakhe uthe akukho akwaziyo akakatshelwa lutho ngodaba lokuxoshwa kwakhe.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ebuzwa ngokuxoshwa kwemeya, uthe udaba lwemeya lusetshenzwa yiqembu futhi lizomemezela uma kukhona okusha. UHlengwa ucele ukuba iqembu linikezwe isikhathi lusebenze kahle.
Kwenzeka lokhu nje, uNdlovu umisiwe emsebenzini emuva kokuvela enkantolo ngecala lesibhamu. Amanye amakhansela aboshwe nawo amisiwe, ngoMnuz Thokozani Sokhela noMnuz Mhawukeleni Sokhela. Abaqaphi bemeya ababeboshwe nayo nabangaphandle ngebheyili nguMnuz Lionel Malembe noMnuz Mvikeleni Mzolo.
Kuvela izindaba zokuxoshwa kukaNdlovu nje, i-IFP isanda kumemezela ukuhoshwa kobe yimeya kaMasipala wesifunda Amajuba, uNkk Vuselwa Bam. UNkk Bam wesule esikhundleni emuva komhlangano weqembu obungoNovemba 2, lapho okwathathwa khona isinqumo ngaye.